INHLANGANO yosomatekisi i-South African National Taxi Council KwaZulu-Natal iyakweseka ukungahambi kwamatekisi okuhloswe ngakho ukulandela imigomo kahulumeni yokumisa ukuhamba komphakathi okuyimizamo yokulwa nokubhebhetheka kwegciwane iCorona.
Lokhu kuqinisekiswe yimenenja ehhovisini leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo.
UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula esithangamini songqongqoshe nabezindaba ePitoli izolo, umemezele ukuthi kuzomiswa ukuhamba kwamatekisi ahambela amabanga amade nawamabanga amafishane.
UShangase uthe ukumiswa kwawo wonke amatekisi bayakuxhasa futhi kuzokwenza kungabi nokuklwebhana phakathi kwabanikazi bamatekisi ahamba amabanga amade nawabamabanga amafishane njengoba kuke kwaba namahlebezi aveze ukuthi kuzomiswa kuphela awamabanga amade.
“Njengawo wonke amabhizinisi siyimboni yamatekisi sizoshayeka kakhulu kwezomnotho kodwa siyasixhasa isimemezelo sikahulumeni ngoba siyimizamo yokulwa naleli gciwane okumele sonke siyilandele le migomo,” kusho uShangase.
UMbalula uveze ukuthi amatekisi azobe ethutha abasebenzi abasohlwini olwenza imisebenzi ethathwa njengebalulekile, nawo azohamba ekuseni nantambama kuphela.
“Laba basebenzi bemisebenzi ebalulekile kuzodingeka ukuthi babe nokuwubufakazi abakuphathayo okuzobe kubachaza ukuthi bangobani nemisebenzi abayenzayo,” kusho uMbalula.
Uthe izikhathi zokuthuthwa kwabasebenzi iphakathi kuka-5-no-9 ekuseni, nango-4 ntambama kuya ku-8 ebusuku nsuku zonke.
Izimoto zohlobo lwe-e-hailing okukhona kuzo ama-uber nezinye ezenza umsebenzi ofanayo, nazo zikwazi ukuthutha abasebenzi ngalezi zikhathi ezibekiwe.
Uthe isibalo sabantu abangabagibeli sizoncishiswa.
“Imoto encane elayisha abagibeli abane, izovunyelwa ukuba nomgibeli oyedwa bese kuthi elayisha abagibeli abayisishiyagalombili, ivunyelwe ukuthwala abathathu.
Akukho okuvelile mayelana nesibalo okumele sithwalwe ngabamatekisi.
Uveze ukuthi abamatekisi abakweletayo amanye amabhange azobanika izinyanga ezintathu bengakhokhi izitolimende zabo.
Uveze ukuthi amatekisi kumele afuthwe ngesibulali magciwane ngaphambi nangemuva kokuthwala abagibeli kanti kuzophinde kufuthwe nasemarenki.
Uveze ukuthi zonke izikhungo zokufundela ukushayela zizovalwa bese kuthi labo abanezincwadi ezizophelelwa yisikhathi kulezi zinsuku ezingu-21, banwetshelwe isikhathi bazivuselele uma sekuphele lesi sikhathi sokuvalwa kwezwe.
Uveze ukuthi kuzomiswa ukuhamba kwezitimela namabhanoyi. Ugcizelele ukuthi imikhumbi ethwala abantu nayo izomiswa kanti kuzovunyelwa kuphela leyo elayisha impahla ebalulekile futhi ngaphambi kokuthi impahla yethulwe, kuzoqinisekiswa ukuthi ifuthwa ngesibulali magciwane.
Uthe kuzovunyelwa amabhasi azohambisa abantu abaya emsebenzini ethathwa njengebucayi, nahambisa abaya emsebenzini nalabo abaya ezibhedlela.