USIHLALO wekomiti elibhekele izimali ePhalamende uMnuz Yunus Carrim, nophinde abeyilungu lekomiti leSACP uthe akazi mali eyatholwa amaKhomanisi ebhange iVBS Mutual.
UCarrim ubephendula uMnuz Floyd Shivambu, iPhini likaMengameli le-EFF othe kunemali engu-R3 million eyatholwa yiSacp ebhange iVBS eyayiphuma eVele Investment.
UShivambu ucele ukuthi aphendule ngokuthembeka. UCarrim uthe akazi lutho ngalo mnikelo owatholwa yi-SACP.
“Abaholi beSACP bakuchithile ukuthi kukhona umnikelo oke watholwa amaKhomanisi, ovela kwiVele. Angazi lutho ngale mali ngoba angikaze ngiyithole,” kusho uCarrim.
Encwadini ayibhalele uShivambu, uCarrim uthe ukhulumile noNobhala wamaKhomanisi uDkt Blade Nzimande nomgcinimafa kazwelonke uNkk Joyce Moloi-Moropa abathe ayikho imali eke yanikwa amaKhomanisi evela kwiVele noma eVBS.
Uthe nephini lokuqala likanobhala jikelele uMnuz Solly Mapaila, layicacisa lento yomnikelo emphakathini.
Uqhube wathi uma i-EFF inobufakazi ayibulethe kwiSACP.
“Njengoba i-EFF yathi inobufakazi bokuthi yathola imali ayize nobufakazi nathi sisho njalo sithi wozani nobufakazi bokuthi iSACP yathola imali kwiVBS. Umfowenu (Brian Shivambu) owathola uR16 million kwiVele Investment noma kwiVBS.”
UMengameli Cyril Ramaphosa ephendula imibuzo ePhalamende muva nje uthe kumele bathathelwe izinyathelo labo abadla imali yaleli bhange.
Uthe kumele babhekane nengalo yomthetho ngoba abantu ababe yizisulu sokuwa kwaleli bhange abantu abantulayo.
“Izikhulu zomasipala ezafaka imali kungafanele kuleli bhange nazo kumele zithathelwe izinyathelo. Ngiyahambisana nokuthi ibhange livuswe uma sekukhucululwe yonke into engalungile kuleli bhange,” kusho uRamaphosa kuleli sonto.