UNGQONGQOSHE wezokuXhumana uNkk Stella Ndabeni-Abrahams uthi ngeke bayeke iSABC igwilize njengoba isenkingeni yezimali kodwa bazoyisiza ngemali maduze nje.
UNkk Ndabeni-Abrahams uthe imali akhuluma ngayo izongena ngesonto elizayo kwiSABC ngoba sekuxoxiwe noMnuz Tito Mboweni onguNgqongqoshe weziMali.
Kuthiwa empeleni umsakazeli womphakathi udinga uR6.8 billion kodwa okwamanje uzothola uR3.5 billion ukuze ikwazi ukuqhubeka nomsebenzi.
Uthe kodwa ngeke bagcine nje ngokufaka imali kodwa uhulumeni uzoba namaqhinga anqala okuqinisekisa ukuthi izinkampani zawo ziyeluswa ngokwezezimali. Uthe kuvele kufakwe umlawuli kulezo zinkampani ezinikwa uxhaso lwemali.
I-Eskom ayisali ngaphandle kulezo zinkampani. Kuke kwaba novalo ngokuthi iSABC ngeke ikwazi ngisho ukuholela abasebenzi
UMengameli Cyril Ramaphosa usanda kuqoka amalungu ebhodi ayisihsiyagalombili ukuba aphathe iSABC.