NAPHEZU kokuthi kube khona abagxeke indlela uMasechaba Ndlovu aphathe ngayo ingxoxo abe nayo noBabes Wodumo kwiMetro FM kodwa iSABC ithe iyameseka.
UMasechaba ubekhuluma noBabes ohlelweni lwakhe noMo Flava ngoLwesihlanu lapho eveze khona ukuthi uBabes ubehlukunyezwa ngobeyisoka lakhe uMampintsha.
UMasechaba uthe umngani wakhe wahlala noBabes ngemuva kokuthi uMampintsha emxhimfe ngenqindi ebusweni waphuma igazi ngamakhala. Uthe futhi uMampintsha wamphula umlenze.
Uqhube wathi uzimisele ukubhekana neBroadcasting Complaints Commission of South Africa, okuyinhlangano lapho kufakwa khona izikhalo uma abantu besola ukuthi kunemigomo yokusakaza ephuliwe.
Okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago, uthe ngeke bayeke ukukhuluma ngezinto ezikhungethe abantu.
“Omunye umuntu uthe kimi bacabanga ukuthi uBabes bamzumile. Angazi basho ukuthini ngoba nani uma kuyisithangami nabezindaba nisebenzisa lelo thuba ukubuza ezinye izinto. Naye usebenzise ithuba ngoba ubekhona. Yinto ejwayelekile le,” kusho uKganyago.
Uqhube wathi: “Kubalulekile kithi ukuthi sikhulume ngezinto ezikhungethe abantu njengenhlangano esakazela umphakathi. Emasontweni edlule sibone abantu bebulawa. Uma kwenzeka kumuntu odumile kumele sibhekane nakho futhi.”
Uthe akazi noma zikhona yini izikhalo ezisemthethweni ezifakiwe ngoba zizoya kwiMetro hhayi ehhovisi lakhe.
Imizamo yokuthola uMasechaba izolo ayiphumelelanga. Imenenja yakhe, ephinde ibe ngumyeni wakhe, uVusi Ndlovu ibingalibambi ucingo kusukela ekuseni.
Uzakwabo kaMasechaba, uDineo Ranaka, ungomunye wabangahambisani nendlela uMasechaba enze ngayo futhi uze waphawula ohlelweni lwakhe ngoMgqibelo emini.
Abanye, njengomholi we-EFF, uJulius Malema bebemeseka.
Imizamo yokuthola uBabes izolo ayiphumelelanga njengoba imenenja yakhe uKeke Mokoena ibingalubambi ucingo.