KUKHOLAKALA ukuthi iSABC ikweleta izinkampani eziyikhiqizela izinhlelo nabadidiyeli imali engaphezu kukaR100 million.
Lezi zindaba zivezwe i-Independent Producers Organisation (IPO) okuyinhlangano emele izinkampani nabantu abazimele abakhiqizela iSABC izinhlelo.
Okhulumela i-IPO, uMnuz Rehad Desai, uthe: “Iningi lamalungu ethu linikwe izincwadi eziwatshela ukuthi imali yayizokhokhwa ngo-Agasti njengoba kuwuDisemba kodwa lutho.
Ilokhu ikhula njalo. Sicabanga ukuthi isidlulile kuR100 million.”
Uqhube wathi izinkampani sezinikwe ithemba lokuthi zizoyithola imali. Uphinde wanxusa abakhiqizi bezinhlelo ezingama-soapie ukuba bangagodli imisebenzi asebeyenzile njengoba behlela ukwenza kanjalo.
“Abakhiqizi bama-soapie odumo abangamalungu ethu, sifisa baqhubeke nokuyidlulisa imisebenzi yabo kwiSABC. Ukuyigodla kuzobe sekungukwephula imigomo yezivumelwano abanazo neSABC.
Sizolandela sizwe kubona bonke abathintekayo ukuthi bahlela ukwenzenjani kulesi simo ababhekene naso,” kusho uDesai.
Uqhube wathi isimo sezimali asizogcina ngabakhiqizi kodwa nabasebenzi bakhona bangase bangaholi kusukela ngoMashi wonyaka ozayo.
Okhulumela iSave Our SABC (SOS) uKate Skinner, uthe: “Kufanele sibambaneni, silwele ukuthi ingawi iSABC. Ukuqumbeka kwayo phansi kungancisha inqwaba yabantu bakuleli abathembele kuyona ngokuningi, kusuka kwezemfundo, ubumnandi nokunye okubalulekile.”
Ukhuluma kanje uSkinner ngenxa yokuthi iSABC ineziteshi zemisakazo ezingu-18 nezethelevishini ezine.
Ukhale ngohulumeni noNgqongqoshe wezokuXhumana uNkk Stella Ndabeni-Abrahams ngokungakhombisi ukukhathazeka ngesimo iSABC ebhekene naso.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kokhulumela iSABC, uNeo Momodu ayiphumelelanga ngenxa yokuthi akayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona nge-email ngoLwesithathu.