ZINGAPHEZU kuka-140 000 izitshudeni ezichithwe yisikhwama esixhasa ngezimali zokufunda, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), ezikhungweni zemfundo ephakeme kulo nyaka wezimali.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Ishmael Mnisi, okhulumela uMnyango weMfundo ePhakeme, othi ezingu-93 532 bezizofunda emakolishi amakhono, amaTechnical Vocational Education and Training (TVET).
Uthe u-52 992 ubufunda emanyuvesi.
“Izitshudeni ezingu-5 376 zasemaTVET azixhaswanga ngoba iziqu ebezizenza azikho ohlwini lwezixhaswayo. Ezingu-22 014 zasemanyuvesi azixhaswanga ngoba vele sezinazo iziqu zokuqala,” usho kanje.
Uthe ezinye izitshudeni ezingu-88 016 zasemaTVET nezingu-8 326 zasemanyuvesi azixhaswanga ngoba zifeyile unyaka odlule.
“Izitshudeni ezingu-13 zasemanyuvesi asizixhasanga ngoba zixhaswe ngeminye imifundaze. I-NSFAS ixhasa abadinga usizo ngoba beqhamuka emindenini entulayo futhi abenza kahle ezifundweni zabo,” kusho uMnisi.
Uthe baxhasa izitshudeni ukuthi zithole iziqu zokuqala ezikhungweni zemfundo.
Lesi sikhwama sixhaswe ngo-R35.457 billion kulo nyaka wezimali.
Babalelwa ku-779 017 abafaka izicelo zoxhaso kulo nyaka, u-67% wabafake izicelo abathola isondlo sabantwana.
Lesi sikhwama sihlose ukuxhasa izitshudeni ezibalelwa esigidini emanyuvesi nesigidi emakolishi.
UMnisi uthe uNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Blade Nzimande, unxuse izitshudeni ukuthi ziyifunde imigomo ethinta uxhaso ukuze zingazitholi sezichithwa ekutheni zithole uxhaso.
“UNzimande unxuse iNSFAS nezikhungo ukuthi ziqhubeke zixoxe nezinhlangano ezifana neSouth African National Student Union kanjalo nayo yonke imikhandlu yezitshudeni ukuze singandi isibalo sezitshudeni ezingaxhasiwe,” kusho uMnisi.
Uthe umnyango uzoqhubeka nokusiza labo abafuna ukufunda ezikhungweni zemfundo ngohlelo lweKhetha ukuze bakhethe iziqu abazozenza.