I-NATIONAL Employers' Association of South Africa (Neasa) igxekiwe emuva kokukhipha isitatimende esithi kunabaqashi okungafanele bakhokhe uR3 500 owumgomo womholo omncane kazwelonke ngoba kabanayo imali eyanele.
Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus, sithe iCovid-19 ishaye kwezwela kuyo yonke imikhakha ngakho ukubekela abaqashi umgomo womholo wabasebenzi kuzoholela ekutheni abantu abaningi bangawutholi umsebenzi.
Wenze isibonelo sokuthi umsebenzi wasendlini akanawo amandla okuholela umuntu omgadele izingane emakhaya uR3 500 nomlimi osathuthuka emakhaya akakwazi ukuholela abasebenzi bakhe le mali.
“Kufanele lubuyekezwe udaba lomgomo womholo omncane kazwelonke ngoba njengamanje iCovid-19 ishaye kwezwela. Abaqashi abaningi kabanayo imali yokuholela abantu umgomo mholo omncane kazwelonke. Kufanele sizibuze ukuthi sincamela abantu ukuthi basebenze baholelwe imali ekahle noma sifuna bayoma kolayini abade bakaR350 obhekele abangasebenzi?” kubuza uPapenfus.
Uthe ukuphoqwa kwabaqashi ukuthi baholele abantu umgomo womholo omncane kazwelonke kwenza abaqashi bangasandisi isibalo sabasebenzi ngoba benqena ukwandisa izindleko zabo.
UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), uMnuz Irvin Jim, ugxeke iNeasa wathi ifuna abasebenzi baholelwe amakinati, bahlupheke ingunaphakade.
“INeasa nesikhulu sayo uPapenfus bafuna kube lula ukuxoshwa kwabasebenzi, kumiswe uhlelo lokuthi izinkampani zibaholele umgomo womholo omncane kazwelonke. INeasa ifuna abasebenzi baphucwe wonke amalungelo abo.
“Lokhu kufana nokubuyisa ubandlululo ngoba abasebenzi iningi labo elimnyama bazovele baxoshwe. Vele abaqashi bayayiphula imithetho.
“Ngo-2018/2019 kube namacala awu-193 732 kwiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) abasebenzi bekhala ngokuhlukunyezwa,” kusho uJim.
Uthe * -71% wamacala ahanjiswe kwiCCMA ngawokuxoshwa ngokungemthetho kwabantu kuthi * -11% kube ngawabaqashi abangayilandeli imithetho yokusebenza.
Uthe akaqondi ukuthi kungani iNeasa ingafuni abasebenzi baholelwe umgomo womholo omncane kazwelonke ngoba kayinkulu imali, iwuR20 ngehora kubasebenzi abaningi, ibe wuR11.42 ngehora kwabe-Expanded Public Works Programme (EPWP) ibe wuR15.57 kubasebenzi basezindlini noR18.68 kubasebenzi basemapulazini.
“Akufanele bakhale ngeCovid-19 ngoba ishaye wonke umuntu kodwa abaqashi ubasizile uhulumeni weza nohlelo lweCovidTERS wabacela nokuthi bamazise uma benezingqinamba. Akufanele abaqashi bashaye abasebenzi ngoba bashayekile kumanje.
“Uhulumeni naye kufanele asize abasebenzi ngokwehlisa inzalo kuze kube umnotho uyasimama. Kume nokukhokhelwa kwezindlu nerenti. Kufanele kubukelwe emazweni afana noSpain noChina ukulekelela abantu nokuthuthukisa umnotho.”