Izindaba

I-MK iyaqhubeka nokuqotha imbokodo nesisekelo komasipala baseKZN

Sabelo Nsele|Published

UMDIDIYELI weMK KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu namalungu aleli qembu ngesikhathi kugujwa usuku lwabasebenzi izolo eThekwini

Image: Doctor Ngcobo

UMKHONTO weSizwe (MK) uyaqhubeka nokuzidlela amahlanga okhethweni lokuchibiyela komasipala baKwaZulu-Natal.

I-MK icoboshise iwadi ebeliphethwe yi-ANC kuMasipala waseMandeni, okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu, phezu kwezinxushunxushu ezibekhona.

Lolu ukhetho lwesithathu laKwaZulu-Natal olunqotshwa yiMK ngokulandelana njengoba isanda kunqoba obelukuMasipala waseThekwini nobelukuMasipala waKwaDukuza.

I-MK inqobe ukhetho obelukuwadi 18 kuMasipala waseMandeni, ngamavoti angu-813, kwathi i-ANC yona yathola amavoti angu-533.

Isikhala sekhansela kule wadi savuleka emva kokubulawa kukaMnuz Phendukani Mabhida, owayedume ngokulwa nenkohlakalo.

Ngenyanga eyedlule, iMK yahlwitha iwadi ebeliphethwe i-DA kuMasipala waseThekwini uwadi 110, yaphinde yahlwitha newadi ebiphethwe yi-ANC kuMasipala waKwaDukuza, uwadi 28.

Ukunqoba ukhetho lwangoLwesithathu kusho ukuthi iMK isinamakhansela amahlanu KwaZulu-Natal njengoba inamakhansela koMasipala waseRichmond, Ray Nkonyeni nowaseMzumbe.

Iningi lamawadi asephethwe yiMK KwaZulu-Natal ebekade ephethwe yi-ANC.

I-ANC ikhombise ukufadabala okhethweni lwangoLwesithathu njengoba ilale isithathu kule wadi, yadlulwa nayi i-IFP elale isibili.

Kube nezinxushunxushu ngesikhathi kuqhubeka ukhetho lwangoLwesithathu. Kwesinye isikhungo kuke kwama kancane ukuvota emva kokunyamalala komshini wokuvota.

Kuvele ukuthi esinye isikhulu ebesivotisa sithathe umshini saya kowu-charger emzini oseduze nalesi sikhungo sokuvota esiyitende.

Amalungu amaqembu ezepolitiki avuke umbhejazane ngesikhathi ethola ukuthi umshini wokuvota kawusekho esikhungweni sokuvota.

Kuma-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala isikhulu sixhakathiswe ngamalungu eMK, ebuya naso emzini ongumakhelwane. Lesi sikhulu sibonakala siwuphethe umshini wokuvota, sihamba sixolisa.

Amalungu eMK anuke i-ANC ngalesi senzo, athi isikhulu sizwelana ne-ANC kepha i-ANC isiphikile lesikhulu.

Unobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga, uMnuz Siphesihle Zulu, uthe isikhulu esibanjwe nomshini wokuvota besikhuluma kabi i-ANC ngaphambi kokhetho.

"Lesi sikhulu sibanjwe sizama ukunxenxa abantu ukuba bangayivoteli i-ANC. Besihambe sitshela abantu ukuthi uMasipala waseMandeni ophethwe yi-ANC uyahluleka ukulungisa imigwaqo."

UZulu uthe ibona ababike ngokunyamalala komshini wokuvota.

"Sibonga ukuthi inhlangano yokhetho ilusukumele ngokushesha lolu daba."

Inhlangano eyengamele ukhetho KwaZulu-Natal, i-Independent Electoral Commission (IEC), ithe simisiwe isikhulu esithintekayo.

Isikhulu se-IEC KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga, sithe baqhuba uphenyo ngalolu daba.

"Esikutholile ukuthi umshini ufike uvele ungenalo i-battery elanele. Sizoluphenya lolu daba ukuze siqinisekise ubuqotho bunqubo yokhetho. Sizibophezele ekuqhubeni ukhetho ngokwethembeka nangaphandle kokwenzelela."

UNkk Masinga uthe bazokwenza isimemezelo uma seluphothuliwe ukhetho.