Izindaba

I-MK iluyisa enkantolo olokuqokwa kwekhomishini nongqongqoshe obambile

Sabelo Nsele|Published

USOLWAZI Firoz Cachalia

Image: sigciniwe

I-MK izolufaka enkantolo olukuqokwa kwekhomishini ezophenya izinsolo ezenziwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

I-MK izofaka isicelo esiphuthumayo eNkantolo yoMthethosisekelo lapho izophinde iphikise nokuqokwa kukaNgqonqgoshe wezamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia.

Lokhu kuvezwe ngumholi weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.

UHlophe uthe useyalele ummeli weqembu, u-Advocate Dali Mpofu, ukuba aqale abhale amaphepha abazowafaka enkantolo.

I-MK ibikade inikeze uMengameli Cyril Ramaphosa umnqamulajuqu wanamhlanje wokuba ahoxise isimemezelo sokuqoka ikhomishini noCachalia.

"Siyazi vele ukuthi uRamaphosa angeke ahlangabezane nomnqamulajuqu wethu. Ingakho sengiyalele uMpofu ukuba abe eqala elungisa amaphepha esizowafaka enkantolo."

 

UHlophe uthe bafuna ukuthi udaba lwabo lulalelwe yiNkantolo yoMthethosisekelo.

"Sizokuya ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba uma sithi sizoqala enkantolo enkulu kuzothatha isikhathi eside. Nikhumbule lana ukuthi sikhuluma ngezindaba ezithinta uMthethosisekelo. Ukuya enkantolo enkulu kuzomosha isikhathi. Isinqumo esizothathwa yinkantolo enkulu sisangaphonselwa inselelo, kanti isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo siwujuqu."

UMHOLI weMKP ePhalamende, uDkt John Hlophe

Image: Armand Hough

UHlophe uthe asikho isidingo sokuthi uRamaphosa aqale ikhomishini ezophenya izinsolo ezenziwe uMkhwanazi owasola uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, ngokusondelana nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.

UHlophe uthe kufanele kudedelwe amaphoyisa ukuba aphenye labo abathinteka ezinsolweni.

"UMkhwanazi ukhulume konke. Amaphoyisa kufanele aqhubeke enze umsebenzi wawo."

UHlophe uthe asikho isigaba somthetho esivumela uRamaphosa ukuba aqoke uCachalia, ongelona ilungu lePhalamende ukuba abambe isikhundla sikangqongqoshe.

"Asikho isigaba somthetho esimgunyaza ukuthi aqoke umuntu ongesilona ilungu lePhalamende ukuba abambe isikhundla sikangqongqoshe. Ungazibheka zonke izigaba zomthetho ezikhuluma ngongqongqoshe, ngeke usuthole esikhuluma ngale nto. Le nto isho ukuthi sizokuba nongqongqoshe ababili bomnyango owodwa.

"Lana kumoshwa imali. UMchunu uzoqhubeka ahole ehleli ekhaya. Ngapha ungqongqoshe obambile naye uzokube ehola. Asinayo le mali lapha. Lena imali okufanele engabe isetshenziselwa ukwakha izibhedlela."

UHlophe uthe bafuna ukuthi uRamaphosa ehle esikhundleni.

"Sikhathele uRamaphosa nohulumeni wakhe. Bakhohlakele. UMkhwanazi uselikhiphile iqiniso, waveza ukuthi uMchunu kanye nabanye bakhohlakele. UMkhwanazi iphoyisa eliqotho. Izinqa zisobala, sekubonakele ukuthi bakhohlakele. Sifuna ukuthi kube khona ukhetho olusha, aphume uRamaphosa esikhundleni."

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa

Image: Kopano Tlape / GCIS