UHULUMENI waKwaZulu-Natal usebenzise uR2.9 billion ukulwa neCovid-19. Lezi zindaba zivezwe wuNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala.
Izolo utshele izintatheli ukuthi iminyango kahulumeni wesifundazwe isebenzise uR1.9 billion, omasipala uR925 000 kwathi izinkampani zikahulumeni zasebenzisa ngaphezu kukaR4 million.
Imali eningi isetshenziswe ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda ezibhedlela nasezikoleni kwazise iwuR1.1 billion imali eye kulezi zinhlelo.
“Sifuna ukukubeka obala konke esikwenzayo siwuhulumeni. Abantu bazokwazi ukubheka imininingwane egcwele yokuthi umnyango othile usebenzise malini uthenga impahla ethile noma uthuthukisa ingqalasizinda. Akukho esikufihlayo,” kusho uZikalala.
Uveze ukuthi nohulumeni nezikhulu zikahulumeni waKwaZulu-Natal zizophenywa ukuthi ziphila ngokwamandla azo kusukela kuNdunankulu kuya kubasebenzi abahlukene.
“Sifuna abantu babone ukuthi abasebenzi bakahulumeni bathembekile. Uhlelo lokubheka ukuthi abantu baphila ngokwamandla abo luzokwenziwa maduze. Sizozimemezela zonke izinhlelo,” kusho uZikalala.
Ubuye wakhipha uhlu lwezinkampani ezihlomule ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda, okuthengwe kuzo okokubulala amagciwane, izifonyo nezinye izinsiza ezidingeka kulesi sikhathi.
Uthe izinkampani ezihlomulile ebezisohlwini loMnyango wezeziMali kanti unethemba lokuthi akuzona izinkampani ezisungulwe sekuqubuke iCovid-19.
Mayelana nenkohlakalo ebiseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi lapho kuthengwe khona izingubo zokulala zakhokhelwa kodwa zangafika, uthe kunophenyo oseluholele ekuboshweni kwezikhulu ezithile ezinye zamiswa.
Ubuye waveza ukuthi yonke iminyango isebenzise malini wathi imininingwane ephelele izotholakala kwi-website kahulumeni waKwaZulu-Natal ethi kznoline.gov.za naku-www.treasury.gov.za
Uthe abasebenzi bakahulumeni abathinteka enkohlakalweni bazojeziswa wathi inkohlakalo akuyona into ye-ANC kodwa yinto eyenziwa ngabantu abahlukene uhulumeni azamayo ukulwa nayo njengoba ebeka konke obala.