ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal singase simenyezelwe njengendawo ekhahlamezwe yinhlekelele ngenxa yomonakalo odalwe izibhelu ezisanda kusihlasela neGauteng.
Lokhu kudalulwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoMgqibelo.
UZikalala uthe kungenzeka ukuthi lesi sifundazwe singagcina simenyezelwe njengendawo evelelwe yinhlekelele.
Izibhelu ezihambisana nokuzitapela ezitolo nokucekelwa phansi kwempahla zidale umonakalo obalelwa kwizigidigidi zamaRandi.
Amadolobha akhahlamezeke kakhulu yiTheku noMgungundlovu, kanti namanye amadolobha amancane okubalwa kuwo Nongoma, Showe, Mgungundlovana, Richmond, Mzimkhulu kanye namanye, awazange asinde nawo kulezi zibhelu.
Izibhelu zishiye imisebenzi engu-150 000 isengcupheni njengoba kuchaphazeleke amabhizinisi angu-40 000. UZikalala uthe njengamanje uzinzo selubuyile esifundazweni njengoba kutshalwe amasosha ukuzokwelekelela amaphoyisa.
UZikalala uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokwenyuka kwenani labantu abahaqwa wubhubhane iCorona KwaZulu-Natal.
Uthe ngesikhathi kuqhubeka izibhelu bekubukeka sengathi liyehla inani labantu abatheleleka ngaleli gciwane ngenxa yokuthi bancane abantu abebehlolela lona ngaleso sikhathi njengoba bekungahambeki.
“Kunesikhathi lapho ngesonto eledlule, kwabikwa ukuthi bangu-600 abantu abahaqwe iCorona. Abantu abaningi bazitshela ukuthi seziqalile ukwehla izibalo zabahaqwa yigciwane. Kepha ke izibalo seziphinde zenyuka njengoba abantu abaningi sebekwazi ukuyohlola.
“Izibalo zakamuva zikhombisa ukuthi ngoLwesihlanu kubikwe abantu abangu-1 542 abahaqekile. Lokhu sekwenze ukuthi sifinyelele ku-382 354 isibalo sabantu abahaqwe yilolu bhubhane. Ngebhadi, bangu-11 313 abantu asebeshonile ngenxa yaso,” kusho yena.
UZikalala uthe izibalo zabangeniswa ezibhedlela behaqekile nazo zenyukile.
“Izibalo zabangena ezibhedlela ukuze bazivalele ngabodwana zikhuphuke zisuka kwesijwayelekile, sabantu abangu-52 ngosuku sayofinyelela ku-186. Njengamanje esifundazweni sinabantu abangu-1 907 abalashelwa iCorona ezibhedlela.”
Ngokwezibalo zakamuva, izikhungo ezithintekile ngesikhathi kuqhubeka izibhelu;
Izinxanxathela zezitolo ezingu-89
Isibhedlela esisodwa
Izindawo ezigcina impahla ezingu-45
Izimboni ezingu-22
Amabhange ayisishiyagalombili
Imishini yokukhipha imali engu-88
Izindawo ezidayisa utshwala ezingu-89
Izindawo ezisabalalisa utshwala eziyisishiyagalombili
Amaloli ashisiwe angu-37
Izikole ezicekelwe phansi ezingu-139