AKHALE ngaphansi amanye amaqembu i-IFP idla umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela eMfolozi naseMvoti.
Leli qembu libuyise u-ward 5 eMvoti no-3 eMfolozi okungamaward abevele ephethwe yileli qembu elawawina okhethweni lwangonyaka odlule lohulumeni basekhaya.
I-ANC KwaZulu-Natal ihlulwe isikhiphe abaholi abaphezulu abebekhankasa eMfolozi ngoba ibithembe ukuthi uma i-IFP ikhala ngaphansi izokwazi ukubuyisa izintambo isebenzisane namanye amaqembu ukuze igcine ibuyise uMasipala waseMfolozi.
Kubaholi abebekhankasa kubalwa uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala nongqongqoshe abehlukene okubalwa nowezempilo uNksz Nomagugu Simelane, oyiphini likasihlalo we-ANC esifundazweni.
Iphawula ngokudla umhlanganiso i-IFP ithe iyakwamukela ukudla umhlanganiso kulawa ma-ward.
Okhulumela leli qembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe ukudla umhlanganiso kuqinisekisa ukuthi abantu basaqhubeka nokwethemba i-IFP.
UHlengwa uyalele abaholi baleli qembu ukuthi baqhubeke nokufuqa intuthuko kubantu, ukuze i-IFP iqhubeke nokwethenjwa ngabavoti.
“Abaholi be-IFP kule mikhandlu kumele baqhubeke nokubeka phambili intuthuko kubantu.
“Abaqhubeke basebenzele abantu ngokwethembeka. Sibonga umphakathi osivotele, singashiyi ngaphandle ubuholi beqembu, amalungu kanjalo namavolontiya ngomsebenzi awenzile,” ubeke kanje.
Uthe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, leli qembu lilokhu ligqugquzeleka ngokulokhu lithenjwa ngumphakathi okusho nokukhula kwalo.
IKhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission, idalule ukuthi ikhansela laleli qembu, uMnuz Lindokuhle Nu Zondi, nguye odle umhlanganiso ku-ward 5, kuMasipala waseMvoti. Ithe uwine ngo-49.70% wamavoti.
Ku-ward 3 kuMasipala waseMfolozi, kuwine u-Emmah Sibongile Mthethwa. Uthole u-67.89% wamavoti kanti ngo-2021 wayethole u-57.21%.
UMnuz Blessed Gwala, ilungu le-IFP esiShayamthetho, ekhuluma ngesikhathi kuhleli le ndlu izolo eMgungunglovu, uthe abantu bayaqhubeka nokubethemba wathi kumele kubongelwe umsunguli waleli qembu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, kanjalo nomengameli walo uMnuz Velenkosini Hlabisa, ngokuqhubeka lizidlela amahlanga komasipala abehlukene.