SABELO NSELE
I-IFP isifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ifuna kuxoshwe uNkk Zandile Gumede njengelungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Icala lizolalelwa ngoJanuwari 14.
I-IFP ithi igcine iphoqeleka ukuthi ibheke enkantolo emva kwezingxoxo ezingaphumelelanga nobuholi be-ANC, lapho ibincenga khona i-ANC ukuthi iguqule isinqumo sayo sokuqokela uNkk Gumede kulesi sikhundla.
Ukufungiswa kukaNkk Gumede njengelungu lesiShayamthetho sesifundazwe ngo-Agasti kwasusa omkhulu umsindo abaningi besola i-ANC ngokukhuphulela uNkk Gumede izimendlela nakuba ebhekene namacala enkohlakalo athinta ithenda yezigidi zamaRandi.
Nakuba uNkk Gumede afungiswa ezinyangeni ezimbili ezedlule, akakaze ahambele ngisho owodwa umhlangano wesiShayamthetho ngoba i-ANC yanquma ukuthi akashenxe esikhundleni emva komsindo owasuka efungiswa.
UNkk Gumede waqokelwa esikhundleni emuva kokuphucwa amaketanga obumeya kuMasipala waseThekwini.
Ubhekene necala lenkohlakalo yethenda kaR430 million yokuqoqwa kukadoti eThekwini.
I-IFP ithi uNkk Gumede akakufanele ukuba yilungu lesiShayamthetho ngoba usahamba amacala.
Umengameli we-IFP obuye ahole inguyazana ye-IFP esiShayamthetho, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe sekuyisikhathi sokuthi i-ANC inqandwe emkhubeni wokufaka ezikhundleni ezibalulekile abaholi abasolwa ngenkohlakalo.
“Kuyinhlamba kubantu baKwaZulu-Natal ukuthi uNkk Gumede uyaqhubeka nokuhola imali eshisiwe nakuba esamisiwe emsebenzi ngoba esaphenywa abomthetho ngezinsolo zenkohlakalo.
“Asizukugcina ngokulwa nale nsumansumane kaNkk Gumede kuphela. I-ANC sifuna ukuyithumela umyalezo oqinile ukuthi ngeke siyibekezelele le nto yayo yokufaka ezikhundleni ezibalulekile abaholi abasolwa ngenkohlakalo.”
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe awekho amaphepha asebewatholile ababizela enkantolo.
Okhulumela amagatsha e-ANC azwelana noNkk Gumede, uMnuz Mzomuhle Dube, uthe i-ANC okufanele iphawule kulolu daba.