IXOSHIWE iMeya kaMasipala waseMtubatuba emele i-IFP uMnuz Velangenkosi Gumede ngoba esolwa ngokuba nesandla esilula kwi-ANC nokuhlulelwa ukuxosha imenenja yomkhandlu uMnuz Siyabonga Ntuli.
UNtuli usolwa ngokudla khezo lunye ne-ANC.
UGumede kuthiwa uyalelwe yisigungu esiphezulu seqembu ukuba asule njengemeya, wafaka incwadi yakhe ngoMsombuluko.
Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa uGumede uzojutshwa eMkhanyakude lapho ayevele esebenza khona phambilini ngaphambi kokulethwa eMtubatuba.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi eMtubatuba uthe uGumede uyashaywa ngoba kuthiwa akasiqinisi isandla kwi-ANC emkhandlwini.
“Okunye ashayelwa khona kuthiwa ucindezela abasebenzi bomkhandlu abangaphezu kuka-10, abamisiwe ngoba besolwa ngenkohlakalo, okunye kuthiwa uyahluleka ukuxosha imenenja kamasipala uNtuli osolwa ngokusebenzisana ne-ANC,” kusho umthombo.
Uthe i-IFP manje ithi izoletha imeya ezokwazi ukuxosha uNtuli.
“Iyakhohlwa i-IFP ukuthi umasipala kumanje ungaphansi komlawuli noma ingaphoqa ukuthi kukhiswe imenenja lokho ngeke kuze kuyisize,” kusho umthombo.
Ethintwa uGumede izolo uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba luphethwe yiqembu.
“Anginawo amandla okukhuluma ngale ndaba kungcono uthinte iqembu,” kusho uGumede.
Ethintwa okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe i-IFP ngokulandela izinhlelo zayo zangaphakathi ithathe isinqumo sokuthi yenze izinguquko ngokushesha eMtubatuba.
“I-IFP ihlezi ibheke impilo nokusebenza komasipala ebaphethe uma kunesidingo bese yenza izinguquko njengoba yenza eZululand, KwaNongoma, eBaqulusini izikhawu ezimbili, eMtubatuba kabili njengoba manje sekungokwesithathu naseNdumeni,” kusho uHlengwa.
Uthe isimo eMtubatuba besingalawuleki isikhathi eside.
“Umyalelo esiwunikwe ngabantu njengoba siphethe usiphoqa ukuthi sithathe izinqumo ezinzima, lesi ngesinye sazo,” kusho uHlengwa.
Akusikho okokuqala i-IFP isebenzisa izembe eMtubatuba njengoba noMnuz Qhina Mkhwanazi wacelwa ukuba ashenxe kwafakwa uGumede.
Okunye okwadalela uMkhwanazi isigcwagcwa eqenjini wukuthi kwakukhona yena njengeso leqembu ngesikhathi umasipala unika umsebenzi inkampani yabaqaphi yaseThekwini evamise ukuthola amathenda emikhandlwini ephethwe yi-ANC.
Emaphepheni aqukethe imininingwane yale nkampani yaseThekwini, ikubeka kucace ukuthi yona iqale ibhekelele omakadebona boMkhonto weSizwe uma ithole umsebenzi.