Izindaba

I-IFP ithembise ushintsho olunqala eNingizimu Afrika

Mhlengi Shangase|Published

UBEHLELI ezwini lokuthi “Sethembe” uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ethula umqulu wezethembiso waleli qembu ofaka nendaba yokuthi kutshalwe amasosha ezindaweni ezihaqwe ubugebengu, ukuqashwa kwamaphoyisa enele ukulwa nobugebengu kanjalo nokuqeda ngenkinga kagesi ehlasele izwe kanjalo nokwakha amathuba emisebenzi.

ABAHOLI be-IFP okubalwa nomengameli waleli qembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, bebingelela izinkumbi zabebehambele ukwethulwa komqulu wezokhetho eThekwini Isithombe: Doctor Ngcobo

UHlabisa uthule umqulu wezethembiso onamaphuzu angu-13, okuyiwo abahlose ukudla ngamabala ngawo njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29.

Lo mqulu uwethule enkundleni iMoses iMabhida eThekwini, ebigcwele phama abaseka leli qembu, abadele ilanga bayothamela umyalezo wezokhetho obuthulwa okokuqala ngaphandle komsunguli waleli qembu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

BEBEVILIYELA kanje abe-IFP ngesikhathi kwethulwa umqulu wezethembiso zokhetho eMoses Mabhida eThekwini, izolo Isithombe: Doctor Ngcobo/Independent Media

UShenge ukhothame nyakenye, kanti kulo mqulu bekunxuswa abalandeli beqembu ukuthi benzele uMntwana, ngokuvotela ngobuningi babo leli qembu.

Enkulumeni kaHlabisa ethathe ngaphezu kwehora, uveze ukuthi bakhathazekile ngobugebengu obenza abesifazane bangakwazi ukuhamba ngokukhululeka.

UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa nendodana yomsunguli we-IFP ongasekho inkosi Mangosuthu Buthelezi, iNkosi Zuzifa kwethulwa umqulu wezethembiso zokhetho eThekwini Isithombe: SBONELO NGCOBO/Independent Media

“Izwe lisengcupheni yokuthi liwe bhu phansi. Sizoqeda ngenkinga kagesi ekhungethe kuleli, sakhe amathuba emisebenzi njengoba u-80% wale misebenzi izobekelwa abantu bakuleli, u-20% abantu bokufika. Sizonyusa imali yezibonelelo, eyezingane kanjalo neyabantu abadala. Sifuna kube nesibonelelo sabangasebenzi sikaR3 000 esizosiza besafuna imisebenzi.”

Ukhale ngokuvalwa kwezindawo zokuholela izaguga wathi bazovuselela namakolishi avalwa okubalwa othisha nawabahlengikazi.

“Abesifazane nezingane abakwazi ukuhamba ngokukhululeka. Sizotshala amasosha ezindaweni ezihaqwe ubugebengu kuleli obuhlalise umphakathi lubhojozi.”

Uthe bazonika amandla izinkantolo zamakhosi ukuze zikwazi ukukhipha izigwebo ezinzima kwabenza ubugebengu, kuqashwe namaphoyisa enele ukulwa nale nkinga.

Uveze ukuthi kuzobuyekezwa isikhwama esixhasa ngemali yokufunda emakolishi nasemanyuvesi iNSFAS.

Odabeni lwabokufika, uthe kumele babe namaphepha acacile okuthi bazohlala isikhathi esingakanani njengoba kwenzeka nakwamanye amazwe, ngeke kube yikwampunzi edla emini.

“Asicwasi abantu bokufika kodwa sibeka abantu bakuleli phambili. Sifuna kuhlomule bona ngezinsiza zakuleli.”

Uveze ukuthi kuzokwehliswa ukubiza kwentengo kaphethroli ukuze kungabizi ukudla.

Kwezemfundo, uthe bazoqeqesha kabusha othisha.

“Sifuna ukunika othisha ithuba lokuthola amakhono amasha. Kwezempilo sifuna wonke umuntu athole ukunakekeleka, sakhe imitholampilo lapho kuhlala khona abantu.”

Uthe bazokwakhela abantu izindlu ezizobanika isithunzi, okuzothi uma iqeda ukwakhiwa ifakwe ugesi welanga ukuze kungabi nenkinga yokucishwa kukagesi.

“Siyovala imigodi egcwele emigwaqweni. Imali eningi iyoyiswa komasipala, sizovuselela izitimela namabhasi. Sizoxoxa nosomatekisi ukuze sizwe ngezinkinga zabo ngoba yiyona mboni ephethwe ngabantu abamnyama.”

Uthe umhlaba ohleli ongenziwa lutho uyonikwa abantu ukuze bawusebenzise.

“Senibhikishe kwanela, nashisa amathayi, navala imigwaqo, kodwa akukho zinguquko. Ziyekeni lezi zinto manje, hambani niyoshintsha uhulumeni ngevoti ngoMeyi 29.”

Kube nomunyu ngesikhathi kudlalwa i-video kaShenge lapho ayevivisa khona abalandeli.