Izindaba

I-IFP iqinisekise eyokubulawa kukaKhethamabala Sithole

Nonkululeko Nhlapo|Published

I-IFP izwakalise ukushaqeka ngokubulawa kwelungu lePhalamende uMnuz Khethamabala Petros Sithole (68).

USithole uhlaselwe ngabantu abangaziwa eKatlehong ngoMgqibelo kusihlwa ngabantu abangaziwa. 

 

Ngokwesitatimende se-IFP, uSithole ubeyilungu loMkhandlu Kazwelonke we-IFP futhi wasebenza njengePhini likaSotswebhu Omkhulu weQembu ePhalamende. 

"Imininingwane ayikacaci okwamanje, futhi kuyithemba le-IFP ukuthi izinhlaka zokugcinwa komthetho zizokwenza konke okusemandleni kushushiswe abenzi balobu bugebengu."

Uke wasebenza njengekhansela Ekurhuleni, ngemuva kwalokho wabamba isikhashana esiShayamthetho saseGauteng ngo-2009 kuya ku-2010.

Waphinde wajutshwa ePhalamende likazwelonke ngo-2010 lapho asebenza khona ngokuzimisela waze wadlula emhlabeni.