KHETHA SANGWENI
I-IFP iphezu kophenyo olunzulu ngomhlangano okuthiwa wawubanjwe eNquthu, ngamalungu ayo nokuthiwa uyasolisa ukuthi ungase ube nemiphumela emibi ngekusasa leqembu.
Umthombo olwazi kahle udaba uthi angu-47 amalungu e-IFP abizelwe esithangamini sesigungu esiphezulu seqembu, ukuthi achaze ukuthi kwakuxoxwa ngani kulo mhlangano osolisayo.
Kuvela ukuthi la malungu ayamaniswa nezinsolo ezinzima kodwa ezikhulunyelwa phansi okwamanje.
Kuthiwa umhlangano ubuseNquthu futhi kwakukhona nomunye umholi oqavile oke waba nesikhundla kumasipala wendawo.
“Kuthiwa kwakunehele lezimoto zihlabe ujenga kuyiwa kulo mhlangano ongaziwa ukuthi ngowani ngoba wawungabikwanga ezinhlakeni zeqembu nokuyinto engehlanga kahle ezikhulwini," kubeka umthombo.
Umthombo uthi amalungu kade ebizwe yisigungu esiphezulu oLundi, lapho aphoswe khona imibuzo mayelana nomhlangano futhi izithangami zophenyo ziyaqhubeka. Kuthiwa iqembu lizama ukubaqondisa izigwegwe ngokubamba umhlangano ongaziwa ukuthi uyisima kanjani
Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukuqinisekisile ukuthi kukhona uphenyo oluqhubekayo kodwa wacacisa ukuthi abekho ababekwe amacala kuyaphenywa nje, kuphela.
"Akekho umuntu oqondiswa izigwegwe kodwa kukhona umhlangano owaba khona eNquthu, iqembu eliwuphenyayo ukuthi wawubizwe ngaphansi kwaziphi izimo.
“Umhlangano uhambisana nezinsolo ezingezinhle neze neze, mayelana nekusasa leqembu. Iningi labathintekayo babiziwe ukuzochaza,’’ kusho uHlengwa.
Uthe lukhona ulwazi abanalo beyiqembu abalutholile maqondana nalo mhlangano kodwa angafunanga ukuludalula.
Uthe bazobe sebeqhathanisa nalokhu okushiwo yilabo abaphenywayo bese iqembu lithatha isinqumo esiphusile.
UHlengwa uthe umangele nokuthi udaba selufike kwabezindaba ngoba bona bazi ukuthi wudaba lwangaphakathi.