Izindaba

I-IFP incoma umengameli ngokuthatha isiphakamiso sabo ngekhomishana

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umengameli Cyril Ramaphosa unikeze ungqongqoshe wamaphoyisa Senzo Mchunu ikhefu eliyisipesheli

Image: IOL Graphics

I-IFP ithi iyaseseka isimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuqoka iKhomishana ezimele ezophenya ngezinsolo ezibucayi ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ezibhekise kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu.

I-IFP incoma umengameli ngokusisukumela isiphakamiso abathi senziwa yibona ngomhla ka-6 kwephezulu - sokuba kube neKhomishana Yophenyo eholwa ngamajaji kanye nokuba uNgqongqoshe uMchunu afakwe ilivu eyisipesheli ngesikhathi kusaphenywa. Kuyasikhuthaza ukuthi umengameli uthathe lesi sinyathelo esiwujuqu ukuze kuzuze izwe. 

Lolu wudaba oluhlaba ngqo ekujuleni kokuthenjwa wumphakathi kwezikhungo zentando yeningi, uhlelo lwezobulungiswa bobugebengu, kanye nokuphepha kwezwe. Izinsolo zobugebengu, inkohlakalo, ukusebenzisana kanye nokugxambukela phakathi koMbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ziyethusa kakhulu futhi zidinga impendulo yobuqotho obuphezulu.