I-IFP isiphinde yahlaba ikhwelo lokuba ukhetho lohulumeni basekhaya luhlehliswe.
Leli qembu lithi kungaba ubudedengu ukuqhubeka nalolu khetho ekubeni izibalo zabahaqwa ubhubhane iCorona zikhombisa ukwenyuka.
Umengameli wale nhlangano, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe ukuqhubeka nalolu khetho ngo-Okthoba 27 kungabeka izimpilo eziningi engcupheni.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uHlabisa uthe leli gciwane lingabhebhetheka kakhulu ezikhungweni zokuvota njengoba izinkumbi zabantu zizothutheleka khona ukuyovota.
“I-IEC (Independent Electoral Commission) ingazifaka izihlanzi magciwane iphinde ihlole izinga lokushisa kubo bonke abazovota kepha angeke ikwazi ukulawula abantu abaziphatha budedengu.
“Siyazi ukuthi abanye abantu abazigqoki izifonyo, abanye abazigqoki ngendlela efanele. Uma bonke labo bantu bezosebenzisa ezokuthutha zomphakathi baphinde bame imigqa ezikhungweni zokuvota, igciwane lingasabalala ngokushesha.
“Labo abazivalele ngabodwana ngenxa yokuhaqwa igciwane noma ngenxa yokuthi bake basondelana nabantu abahaqwe ubhubhane, bona bazovota kanjani? Maningi amathuba okuthi bazokuya kovota, nokuzobhebhethekisa iCovid-19,” kusho uHlabisa.
UHlabisa uthe okwenza kube nzima ukuthi akekho owaziyo ukuthi ngesikhathi kufika ukhetho, lolu bhubhane luyokube luhlasele kanjani.
“Kunzima ukusho ukuthi isimo sizokube sinjani ezinyangeni ezine ezizayo. Ngabe sizokube sisesigabeni sesibili somvalelandlini noma isimo sizokube sesibheda kakhulu?
“Yingakho sithi lolu khetho aluhlehle. Akufanele sithathe izinqumo ezizobeka izwe engcupheni. Uma zikhula izibalo kuzophoqeleka ukuthi kuqiniswe imigomo yomvalelandlini. Lokho kungalimaza umnotho.”
UHlabisa uthe isimo esikhona njengamanje senza kube nzima ukuthi amaqembu ezepolitiki alungiselele ukhetho.
UHlabisa uthe kwakungafanele kumenyezelwe usuku lokhetho ekubeni kusazokwenziwa ucwaningo lokuthi ukhetho kufanele luqhubeke yini.
Umbiko walolu cwaningo, oluholwa uJaji Dikgang Moseneke, kulindelwe ukuthi ukhishwe ekupheleni kukaJulayi.
Ngakolunye uhlangothi, uHlabisa uthe leli qembu likulungele ukuya okhethweni.
Uthe ukwenza kahle kwaleli qembu okhethweni lokuchibiyela olusanda kubanjwa kukhombisa ukuthi likulungele ukudla umhlanganiso okhethweni lohulumeni basekhaya.
UHlabisa uphinde wakhipha isexwayiso kwabadala uqhekeko eqenjini, wathi leli qembu angeke likubekezelele lokho.
Uthe angeke bananaze ukuthathela izinyathelo labo abadala uqhekeko eqenjini.