INKATHA Freedom Party isiphonsele inselelo abe-IEC ukuba benze isiqiniseko ukuthi abesifazane baseshwa nangaphansi uma bengena ezikhungweni zokuvota ngoLwesi-thathu ukuze kugwemeke umkhonyovu wokhetho.
Lokhu kushiwo nguMengameli weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, emcimbini wokugoqa imikhankaso yokhetho eNkandla nasoLundi ngempelasonto.
Ethula inkulumo phambi kwezinkumbi zabalandeli eNkandla ngoMgqibelo, uButhelezi uthe ukhathazeke kakhulu ngokulahleka kwamaphepha okuvota okubikwe ukuthi kwenzeke eSoweto ngeledlule, wathi okumanje akwaziwa ukuthi la maphepha asesabalale afinyelelaphi nezwe.
Uthe ngokwakhe vele useyangabaza ukuthi ukhetho luzoba ngolukhululekile ngenxa yalesi sigameko sokudunwa kweloli ebeliphethe amaphepha okuvota. Uthe abenhlangano yokhetho kumele benze isiqiniseko sokuthi abesifazane baseshwa yonke indawo uma bengena ezikhungweni zokuvota ngoba bakhona abazoshutheka amaphepha okuvota ezithweni zabo ezicashile zomzimba ngoba bazi ukuthi ngeke bathintwe kuzo.
Uthe phambilini Olundi kwabanjwa abesifazane beqembu elithile beshutheke amaphepha okuvota emabeleni ababehlose ukuwafaka emabhokisini uma sebesegunjini lokuvota bengasabonwa muntu.
“Sihlushwa ngoba nakhu bevikelwe wuMthethosisekelo ukuthi kunezindawo abangeke bathintwe kuzo kodwa ukuba kuya ngokwami bekumele abe-IEC babaseshe yonke indawo ngoba asazi ukuthi la maphepha okuvota adukile akuphi futhi bekuyini inhloso yokuduna iloli ebelilayishe izinto zokhetho. Ngokwami, ngibona lolu khetho lungasezukhululeka,” kusho uButhelezi.
Unxenxe abalandeli beqembu lakhe ukuba balubheke ngelokhozi lolu khetho ukuze bagweme imikhonyovu.
Ucele amalungu ukuba ahlale evule amehlo abike masinyane noma yini ayibonayo ukuthi iphembene nomthetho.
Uthe abalandeli be-IFP kumele babheke nokuthi akukho muntu yini ovota ewadini angahlali kuyo.
Ugxeke i-ANC ngokugcizelela ukuthi kunezindaba ezinhle okumele izitshele abantu bakuleli yize isimo somnotho sisibi kangaka kulahleka amathuba omsebenzi, wathi ngisho nodaba lokulungiswa komuzi kamengameli (uJacob Zuma) eNkandla ngezimali zabakhokhi bentela ayikuboni kuyiphutha njengoba ilokhu ibelesele ukuthi kunezindaba ezinhle okumele zitshelwe abantu.
UButhelezi uvale umkhankaso weqembu esizindeni salo oNdini lapho linxenxe abantu ukuba baphume ngobuningi babo babuyisele i-IFP emandleni eZululand.
Umholi we-IFP eThekwini, uMnuz Mdu Nkosi, uthe sebezwile ukuthi kunamaphepha okuvota angu-500 000 osekuvotelwe ngawo iqembu elithile kumasipala weTheku azogxishwa emabhokisini okuvota ukuze lelo qembu liwine.
Uthe bayasola ukuthi la maphepha yilawa okubikwe ukuthi aduke eSoweto.
“Sicela ukuthi amalungu ethu angalinge asayine uma kukhona amaphepha amavoti angawaboni kahle”, kusho uNkosi
Okhulumela abe-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe kungamanga aluhlaza okushiwo yiNkatha ngoba wonke amaphepha agcinwe ngamaphoyisa. Uthe akazi noma asetholiwe yini amaphepha alahleke eGoli kodwa wathi ucabanga ukuthi yinto yaseGoli kuphela.
Ngesiphakamiso seqembu sokusesha abesifazane yonke indawo uNgwira uthe i-IFP kumele ibhalele i-IEC.