Izindaba

I-IFP ayikhohlwe ukugudluza i-ANC ngaphandle kwe-EFF: ungoti

Sabelo Nsele|Published

UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa noSihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala engqungqutheleni yemigomo eMpangeni Isithombe: Doctor Ngcobo/Independent Media

I-IFP itshelwe ukuba ikhohlwe ukuthi izokwazi ukugudluza i-ANC emandleni ngaphandle kokusebenzisana ne-EFF.

Ungoti utshele amalungu e-IFP ukuthi nakuba i-ANC ingeke ilunqobe ngamalengiso ukhetho oluzayo, isangakwazi ukuqhubeka nokuqhoqhobala izintambo zoMbuso ima ingasebenzisana ne-EFF.

Lokhu kuhlaluke engqungqutheleni yemigomo ye-IFP ebanjwe eMpangeni.

Ungoti oqhamuka kwisikhungo i-Social Research Foundation, uMnuz Gabriel Makin, uthe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi i-ANC ngeke ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela okhethweni oluzayo, kodwa wathi amaqembu aphikisayo kofanele ahlangane wonke uma efuna ukugudluza i-ANC.

Ukusho lokhu ephendula umbuzo wemeya yoMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, obuze ukuthi amaqembu aphikisayo angakwazi yini ukuketula i-ANC ngaphandle kokusebenzisana ne-EFF.

I-EFF ayisiyo ingxenye yamaqembu aphikisayo anesivumelwano sokusebenzisana, futhi yahoxa ekusebenzisaneni ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal.

UMakin uthe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi uma i-ANC yenze kabi okhethweni oluzayo izothola u-42%.

“Kodwa ke kuzoncika ekutheni i-ANC izokhankasa kangakanani ngaphambi kokhetho. Ukhetho selusemome. I-ANC izoqala ikhankase. Uma izinto ziyihambele kahle, ingagcina ithola noma u-46%. Uma sikhuluma iqiniso, wonke amaqembu aphikisayo kofanele abambisane ukuze kugudluke i-ANC. I-EFF mhlawumbe izothola u-10%. Uma uhlanganisa lokho nokuzotholwa i-ANC, uyabona ukuthi i-ANC izoqhubeka nokuphatha.”

Ucwaningo luqagula ukuthi i-IFP izothola u-6%.

Ingqungquthela ye-IFP eqhubeka eMbizo Hall kwakufanele ibanjwe ngo-2020, kepha yaphazanyiswa wukubheduka kobhubhane iCovid-19.

Ethula inkulumo yokuvula ingqungquthela, umengameli weqembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe imigomo ye-IFP ngeke ishintshwe ukuthi sebeyingxenye yamaqembu anesivumelwano sokuketula i-ANC.

UHlabisa uthe i-IFP izolukhankasela ngokuzimela ukhetho oluzayo.

“Siyaqhubeka nokuba iqembu elizimele. Akukho mkhankaso esizowenza ngokubambisana namanye amaqembu. Wonke amavoti azotholwa i-IFP, azokuya kwi-IFP.”

UHlabisa uthe imigomo abazoqhamuka nayo kule ngqungquthela kufanele ibe izimpendulo ezinkingeni ezikhungethe izwe.

“Kuzo zonke izinketho esizingenele kusukela ngo-1994, sihlezi sazisa abantu ngemigomo yeqembu. Kuze kube manje imigomo ye-IFP iyaziwa, asikaze sishintshe. Kodwa iqiniso ukuthi izikhathi ziyashintsha, kuqhamuke nezinkinga ezintsha. Kufanele sibuye siyibuyekeze imigomo yethu. Ngo-1994 alikho iqembu elalikhuluma ngokulwa nenkohlakalo kanye nokucishwa kukagesi. Okhethweni oluzayo iqembu elingenaso isisombululo kulezi nkinga ngeke lilibone elidlalayo okhethweni.”

Lena ingqungquthela ye-IFP yokuqala kusukela kwaguqa umsunguli wale nhlangano, inkosi Mangosuthu Buthelezi.

UHlabisa uthe njengeqembu bayaqhubeka nokulandela izimfundiso zikaButhelezi.

Ingqungquthela izosongwa namhlanje.