I-IEC iqinisekisa ukuthi iCOPE isabhalisiwe njengeqembu lezepolitiki Isithombe: Ian Landsberg
IKHOMISHINI eyengamele ukhetho kuleli i-Electoral Commission of South Africa, ikuqinisekisile ukuthi iCongress Of the People (COPE), isabhalisiwe njengeqembu lezepolitiki kule khomishini.
Ikhomishini ithe leli qembu lisabhalisiwe ngaphansi komthetho wezokhetho wango-1996.
Lokhu kulandela ukuphumela obala kokhulumela leli qembu uMnuz Dennis Bloem, othe leli qembu belibhaliswe njengenkampani ezimele wathi ubone incwadi evela kwi-Companies and Intellectual Property Commission (CIPC), ethi leli qembu alisabhalisiwe ngaphansi kwayo.
Okhulumela ikhomishini uNksz Kate Bapela, uthe leli qembu lisabhalisiwe ngaphansi kwekhomishini njengeqembu lezepolitiki.
Uthe iqembu lingathathwa njengelingabhalisile uma lingasazimisele ukuthi lingenele ukhetho.
Uqhube wathi lingasulwa uma selihlakaziwe noma lizohlakazwa ngosuku oluthile.
“Uma iqembu lingamelelekile ePhalamende, eziShayamthetho noma komasipala futhi lingakaze lingenele ukhetho lukazwelonke, olwezifundazwe noma ukhetho lohulumeni basekhaya.”
Uthe okunye okungenza lithathwe njengelingabhalisiwe uma lishintsha imigomo yalo seliphambana nemigomo seligqugquzela inzondo, ligqugquzela udlame noma selicwasa ngokwebala, ubulili, ubuzwe, ibala, inkolo, iminyaka, ulimi nokunye.
Leli qembu libhekene nenkinga yombango wobuholi phakathi komholi walo uMnuz Mosiuoa Lekota nephini likamengameli uMnuz Willie Madisha kanjalo nonobhala jikelele obhekele ukhetho uMnuz Mzwandile Hleko.
UMadisha noHleko basanda kukhonjwa indlela kuleli qembu besolwa ngemizamo yokwebaiqembu kuLekota.
NoBloem wathola incwadi eyamyalela ukuthi achaze ukuthi kungani kumele angakhonjwa indlela eqenjini, aphucwe nobuholi.
ULekota wasolwa ngokungawenzi umsebenzi weqembu njengoba kunguMadisha okuthiwa wehla enyuka usebenza yedwa.