NJENGOBA kunenkinga yokucinywa kukagesi kuleli isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnuz André de Ruyter, sithe bahlela ukuthi ungacishwa ugesi ngesikhathi sokhetho.
UDe Ruyter uthe basebenza kanzima ukuze kungabi nalokhu kucinywa kukagesi.
Ekhuluma ne-eNCA izolo ekuseni, uqale waxolisa ngokucinywa kukagesi kuleli wathi akuyona into abathanda ukuyenza.
Uthe bahlela ukuthi namhlanje ekuseni bakumise ukucinywa kukagesi njengoba kuyiwa okhethweni.
“Inkinga sishoda ngo-4000 kuya ku-5000 megawatts. Uma singakwazi ukuba nogesi ongaka, isimo singaba ngcono. Siyazama ukulungisa lapho konakele khona ukuze sihlangabezane nesidingo sokuthi sihlinzeke ngogesi owenele.”
Uthe abantu bazokwazi ukuvota ngaphandle kokuphazamiseka kukagesi ngoNovemba 1.
“Siyazi ukuthi ukhetho isikhathi esibaluleke kakhulu. Sizama ukonga ugesi ukuze singabi nenkinga yokuthi kudingeke sicishe ugesi ngosuku lokhetho.”
Mayelana nokucishwa kukagesi ngamaholidi kaKhisimusi, uthe ngalesi sikhathi sisuke sisincane kakhulu isidingo sikagesi kuleli ngoba kusuke kuvaliwe ezindaweni eziningi.
“Ngenhlanhla ngamaholidi kaKhisimusi kusuke kuvaliwe ezimbonini eziningi ngakho sisuke sisincane isidingo sikagesi kuleli. Abantu bazokwazi ukuthi bajabulele amaholidi abo kahle ugesi ukhona ngamaholidi ngoba isikhathi esibaluleke kakhulu kwabaningi.”
Usho lokhu nje ungoti wezinto ezithinta ugesi uMnuz Ted Blom, uthe abantu bakuleli kumele bazilungiselele ekutheni bazohlala nokucinywa kukagesi eminyakeni ezayo.
Uthe cishe ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka emihlanu uma kungukuthi le nkampani iyaqhubeka nokuhluleka ukuvuselela iziphehlimandla zikagesi ezindala.
UBlom uthe usola isandla semfene ngokucinywa kukagesi kuleli.