INKAMPANI ekhiqiza ugesi kuleli i-Eskom, imemezele ukuthi izoqhuba uhlelo lokuwunqamula kusukela namhlanje ngo-10 ebusuku kuya ku-5 ekuseni kusasa.
Kulindeleke ukuthi ugesi unqamuke futhi ngoLwesine ngesikhathi esifanayo.
Ukunqamuka kukagesi kwakamuva kudalwa ukuvalwa kuka unit 1 osesiteshini sikagesi wenuzi iKoeberg, okuthiwa kuzothatha isikhathi ukuthi sisebenze.
Esitatimendeni esikhishwe ngabakwa-Eskom, bathi ugesi uzonqamuka ukuze bakwazi ukuqinisekisa ukuthi kunogesi owanele kuleli sonto.
Njengamanje bathi banogesi owu-6 672MW obekelwe ukubhekelela izinhlelo ezihleliwe zokulungisa izingqalasizinda, nomunye owu-12 073MW obhekelele ukulungiswa kwengqalasizinda okungahleliwe.
Bathi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi zonke izizinda zabo eziphehla ugesi, ziyasebenza.
“Sicela umphakathi ukuthi usebenzise ugesi ngendlela ehlelekile ukuze sikwazi ukugwema ukuwunqamula. Njengamanje awukho ugesi owanele yingakho sinqume ukuwunqamula izinsuku ezimbalwa. Siyaqhubeka nokulungisa izingqalasizinda yethu yingakho kwesinye isikhathi kungabi nogesi owanele. Kumanje iziteshi ezimbili eziphehla ugesi zisamile ukusebenza ngenxa yokuthi silungisa ingqalasizinda,” kusho abakwa-Eskom.
Bathi bazoxhumana nomphakathi uma kukhona okushintshayo, kepha bacela abantu ukuthi babalandele ezinkundleni zokuxhumana ukuze bathole imininingwane ngokwenzekayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnuz Andre de Ruyter, sithembise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuletha uzinzo kule nkampani.
Izazi zomnotho zihlale zikhala njalo ngokunqanyulwa kukagesi ikakhulukazi ngenxa yomnotho wezwe ongakhuli ngendlela eyamukelekile.