INKAMPANI ephakela ngamandla kagesi kuleli i-Eskom income uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ngokugqugquzela omasipala kulesi sifundazwe ukuthi bakhokhe izikweletu zale nkampani.
Esitatimendeni i-Eskom ithe izingxoxo nomasipala abakweletayo zokuhlela indlela yokukhokha, zihamba kahle njengoba omasipala ababekweleta imali enkulu sebezikhokhile izikweletu zabo kanti abanye bayaqhubeka nokuzikhokha.
“Eminyakeni emithathu edlule lo mnyango udlale indima enkulu ukuqinisekisa ukuqhubeka kwezingxoxo zokukhokhelana phakathi kwe- Eskom nomasipala abakweletayo,” kusho isitatimende.
Lesi sitatimende siveza ukuthi, uMasipala Abaqulusi ukwazile ukusula isikweletu sawo sika- R52.5 million ngoDisemba ngemva kokuthi izikhulu zawo zahlala phansi neziphathimandla zenkampani kwahlelwa indlela okuzokhokhwa ngayo isikweletu. Uthe umasipala ukwazile ukukhokha ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso.
Abanye omasipala abakwazile ukwesula izikweletu zabo uMasipala waseMsunduzi, owaseNkosi Langalibalele wona ozoqeda isikweletu sawo kule nyanga noMasipala waseNewcastle osuwehlise isikweletu sawo ngo- R38.3 million. Kuthiwa uMasipala waseMpofana nawo usuqalile ukukhokha isikweletu sawo
Le nkampani ithe kuqale kwaba nomdonsiswano phakathi kwe-Eskom nomasipala ababili, owaseNewcastle nowaseMpofana kodwa kwagcina kuqhanyukwe nesisombululo.
“I-Eskom izimisele nokuqhubeka nobudlelwano obuhle phakathi kwawo nalo mnyango esifundazweni ngethemba lokuthi nabanye omasipala ababhekene nezinselelo ezifanayo, bayagqugquzeleka ukuthi bakhokhe izikweletu zabo,” sisho kanje isitatimende.