INKAMPANI ephehla ugesi eNingizimu Afrika i-Eskom izwakalise ukuthi ithwele kanzima kwazise ayinawo * -10 500MW kagesi ngenxa yokuthi kufe imishini esiteshini sikagesi samalahle.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, bathe lokhu akusho ukuthi ugesi uzocinywa njengamanje kodwa basenza imizamo yokubuyisa ugesi ongekho.
Baveze ukuthi ithimba labo elibhekelele izimo eziphuthumayo lizosiqapha isimo ukuqinisekisa ukuthi awucinywa ugesi.
Batshele amakhasimende ukuthi ukushintsha kwesimo eziteshini zabo okubalwa ukufa kwemishini ethile, ukushoda kukadizili, ukuqhuma kwamapayipi egesi nokwehla kwamanzi emaphampini kungaholela ekucinyweni kukagesi.
Bacele amakhasimende ukuthi asebenzise kahle ugesi, acime ama-airconditioner, ama-geyser acime namakhompyutha uma engawasebenzisi.
Kugqugquzelwe abantu ukuthi babheke izikhathi zokucinywa kukagesi komasipala abahlala kubo.
Uma kuba nesidingo sokucima ugesi i-Eskom ithe izobazisa abantu baseNingizimu Afrika.