I-ESKOM isiphakamise izinguquko zezindlela zokukhokhela ugesi ngenhloso yokuthi abantu bakhokhe imali ehlukile, ngokusebenzisa ugesi ngezikhathi ezingafani.
UNkk Shirley Salvodi, obhekelele ezentela kagesi kwa-Eskom, uthe bathumele iziphakamiso ezintsha zokukhokhelwa kukagesi kwiNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) ngoba indlela okhokhelwa ngayo njengamanje, seyindala kakhulu.
Uthe bagcina ukuyibuyekeza ngo-2012 ngakho kufanele ihambisane nezinguquko ezikhona e-Eskom.
“Ziningi izinguquko ezikhona e-Eskom ngakho kufanele indlela okukhokhelwa ngayo ugesi ihambisane nezikhathi. Amakhasimende asevumelekile manje ukuziphehlela ugesi wawo kodwa kufanele siwakhokhise ngoba asaxhumile ezigubhuni zase-Eskom. Kufanele wonke akhokhiswe ngendlela ekahle engambi eqolo kodwa engeke idalele i-Eskom izinkinga,” kuchaza uNkk Salvodi.
Uthe izinguquko zizobakhona kuwo wonke umuntu, kusukela ezimbonini, emakhaya, komasipala nakubantu abasebenzisa ugesi wemitha nowekhadi.
Uveze ukuthi njengoba bethumele iziphakamiso kwiNersa, izozicubungula bese inikeza umphakathi ithuba lokuphawula ngoba bafuna ziqale ukusebenza ngo-Ephreli wonyaka ozayo.
Ucele abantu ukuthi bangathuki ngoba izinguquko ezihlongozwa yi-Eskom ngeke zibakhokhise imali emba eqolo kodwa kungenzeka bazithole sebekhokha imali encane kunaleyo akade bejwayele ukuyikhokha. Uthe banezinhlelo ezihlukene ezizobhekelela zonke izidingo zamakhasimende abo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni usanda kuxegisa imithetho yokuzikhiqizela ugesi njengoba esevumele abantu nezinkampani ukuba bazikhiqizele ugesi wabo bese bedayisela i-Eskom, lowo osele.
Abantu nezinkampani ezizimele okubalwa izimayini sebeqalile ukuthenga izinsiza zokukhiqiza ugesi welanga.