UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uMnuz Julius Malema, uthi iqembu lakhe likulungele ukwelula isandla kubasebenzi be-ANC abangaholeliwe.
UMalema uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eGoli ngoLwesibili. Uthe igatsha labo elibhekelela amalungelo abasabenzi kalicwasi futhi alikhethi ngakho lizobamukela nabasebenzi be-ANC osekunesikhathi bengawazi umholo.
Ngenyanga edlule, i-ANC iphumele obala ngezinkinga zezezimali iqinisekisa ukuthi yehlile imali engena kule nhlangano ngoba abaxhasi bayesaba ukuvela njengoba sekunomthetho omusha wokudalulwa kwabantu nezinkampani ezixhasa amaqembu ezepolitiki kuleli.
Encoma igatsha elibhekelela amalungelo abasebenzi kwi-EFF, uMalema uthe leli gatsha selithole izicelo ezingaphezulu kuka-37 400 kubasebenzi abadinga usizo.
“Aliyi ndawo leli gatsha. Abasebenzi bakuleli nezinyunyana zabo bavumelekile ukucela usizo kwi-EFF ukulwa nokucindezelwa ezinkampanini. Asizile ukuzovala isikhala sezinyunyana. Sizolekelela abasebenzi. Sikulungele ukusiza abasebenzi be-ANC osekunesikhathi bengaholi,” usho kanje.
I-EFF ifisa ukufaka isandla kulolu daba nje abasebenzi be-ANC kuleli sonto bamemezele ukuthi bahlela umbhikisho ukuzwakalisa izikhalo zabo ngokungaholi ngesonto elizayo.