UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema uthi basabethemba ubuholi bephini lakhe, uMnuz Floyd Shivambu, elibhekene nezinsolo zokuxebula umkhoma kwiVBS Mutual Bank.
UMalema uveze lokhu esithangamini nabezindaba ngoLwesibili ebesibanjelwe emahhovisi alenhlangano. Uthe i-EFF isamile ekutheni kumele babhekane nengalo yomthetho labo abasolwa ngokuthinteka ekudliweni kwezigidi zamaRandi ezibalelwa kuR2 billion kwiVBS Mutual Bank uma bukhona ubufakazi obubambekayo.
“IPhini likaMengameli we-EFF uMnuz Floyd Shivambu libuqinisekisile ubuholi be-EFF ukuthi lisangathembeka futhi asinaso isizathu sokukungabaza lokho,” kusho uMalema.
Umbiko oshicilelwe ngesonto eledlule uveze ukudliwa kukaR1.89 billion kuleli bhange okuthiwa wacazwa phakathi kwabantu abangu-53 phakathi kuka2015 no-2018. Lokhu kwashiya ibhange likwinhlekelele njengoba beselingakwazi ukukhipha imali yamakhasimende alo, iningi lawo elihlala ezindaweni zasemakhaya. UMalema uthe ngokukhonjwa kwe-EFF nomfowabo kaShivambu, uBrian, kuphela ngalolu daba ekubeni evela namanye amagama embikweni. Kubikwa ukuthi uBrian wathola imali ebalelwa kuR16 million kuleli bhange, wabe ‘esethumela’ uFloy uR10 million.
“Kugxekwa ikakhulukazi i-EFF ngodaba lweVBS engathi ithina esadla uR2 billion. Lalikuphi iBhange loMbuso? Kungani kungekho noyedwa weBhange loMbuso ophumela obala aveze amaphutha ayo kulolu daba?” kusho uMalema.
Uqhube wathi bazibhekile izitatimende zemali ze-EFF futhi aliveli igama leVBS Mutual Bank kuzo ngokunjalo negama lenkampani okuthiwa kwakhokhelwa i-EFF ngayo.
UFloyd Shivambu naye uqhubeke emazwini kaMalema wathi akatholanga mali kwiVBS. “Uma unobufakazi hamba uye esiteshini samaphoyisa ubethule usho ukuthi nabu ubufakazi bokuthi uFloyd Shivambu wathola uR10 million kwiVBS. Angikaze ngithintwe ngisho yiVBS ingibuza ngoR10 million okuthiwa ngawuthola kuyo,” kusho uShivambu.
Ube esephetha inkulumo yakhe ngokuthi: “umuntu ozitshela ukuthi kukhona imali esayithola kwiVBS uyahlanya.”
UMalema uthe i-EFF ayihambisani nombono wokuthi kumele livalwe leli bhange ngoba ngaphambili kwahlengwa i-African Bank eyayisezikweletini ezingaphezulu kwezeVBS.