I-EFF ihlawule uR108 960.79 kwi-AfriForum ilandela umyalelo wenkantolo emuva kokulahlwa yicala elithinta ukudliwa komhlaba.
Esitatimendeni esithunyelwe yi-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel oyisikhulu sayo, uthe i-EFF nomholi wayo uMnuz Julius Malema isikhokhe kabili ngecala lokuyalela abantu ukuthi badle umhlaba.
Uthe kusukela ngoMashi 2017 izinkantolo zivuna i-AfriForum ngodaba lokuthi akulungile ukudliwa komhlaba.
“I-EFF kufanele ikhokhe imali ecela kuR550 000 ngezitatimende zayo zokuthi abantu abadle umhlaba ngoba zonke izinkantolo zivuna thina ukuthi lokhu akulungile. Imali esihlawulwe yi-EFF noMalema ingaphezu kukaR235 000 okusho ukuthi isikweleta ecela kuR315 000,” kusho uKriel.
Uthe ukukhokha kwe-EFF kusho ukuthi ngeke besadayisa impahla yayo esidlangaleni kodwa bazolinda umphumela wecala elizodluliswa yi-EFF ngalolu daba lomhlaba.
“Siyayamukela imali ekhokhwe wuMalema ne-EFF futhi sizoyisebenzisa ukulwa nemizamo yokushintsha uMthethosisekelo ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo,” kusho uKriel.
Uthe i-AfriForum ivikela wonke umuntu ayikhethi bala ngoba ayihambisani nokuphulwa koMthethosisekelo.
UDkt Mbuyiseni Ndlozi okhulumela i-EFF uthe akanaso isiqiniseko sokuthi bayikhokhile imali eshiwo yi-AfriForum ngoba izindaba ezithinta umthetho ziphethwe ngabameli babo kodwa uma kwakunomyalelo wenkantolo othi abahlawule kufanele ukuthi bazowulandela ngoba bayawuhlonipha umthetho.
Uthe basidlulisele phambili isinqumo senkantolo ngodaba lwe-AfriForum.