IBILOKHU ikhale njalo i-EFF izolo inkantolo ichitha isicelo sayo sokuba kudalulwe abanikele ngezimali emkhankasweni kaMengameli Cyril Ramaphosa, wokuhola i-ANC.
Inkantolo eNkulu ePitoli ichithe isicelo se-EFF sokuba kudalulwe bonke labo abanikela ngezimali kulomkhankaso owaziwa ngeCR17.
Inkantolo iphinde yayalela i-EFF ukuba ikhokhe izindleko zenkantolo.
Inkantolo ayizange izinikeze izizathu ezenze ukuba ifinyelele esinqumweni sokuchitha lesicelo se-EFF.
Iphefumula emva kwalesi sinqumo, i-EFF ithe iphoxekile kakhulu.
Okhulumela le nhlangano, uMnuz Vuyani Pambo, uthe inkantolo ikhombise ukuba nenzondo kwi-EFF.
“Kuyakhathaza futhi kushayisa amakhala ukuthi inkantolo ithathe isinqumo sokuba bangadalulwa abanikela kulo mkhankaso. Ngalesi sinqumo, inkantolo ivune izigebengu ezathenga umengameli. Kungani inkantolo ivune laba bantu abathi abafuni ukwaziwa?
“Sikhathazekile ukuthi kungani inkantolo ize yanquma ukuthi kufanele sikhokhele izindleko. Inkantolo yenze lokhu ukuze izosiqeda amandla ukuthi nangomuso singabe sisaya kuyona ukuyofaka izicelo. Angazi ukuthi kungani inkantolo ikhombise inzondo engaka kwi-EFF.”
UPambo uthe namanje basafuna ukwazi ukuthi ngobani abanikela emkhankasweni kaRamaphosa.
“Sifuna ukubona ukuthi labo bantu kabazange yini bahlomule ngamathenda. Njengamanje kuneKhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, angazi ukuthi kungani le nkantolo ingakuboni kubalulekile ukuthi abantu abanikele kulo mkhankaso badalulwe.
“Angazi ukuthi kungani uMengameli engafuni ukuthi baziwe abantu abanikela emkhankasweni wakhe. Uma kuwukuthi akukho nto eshaya amanzi ngalabo bantu abanikela kulesi sikhwama, kufanele engabe uMengameli uphumela obala, adalule abantu abanikela emkhankasweni wakhe.”
I-EFF ayisibona abokuqala ukukhala ngaphansi ezinkantolo uma kuziwa kulolu daba.
NoMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, naye usanda kulahlwa yinkantolo yoMthethosisekelo ngodaba oluthinta uphenyo lwakhe ngalezi zimali ezanikelwa kulo mkhankaso wokuhola i-ANC.
INkantolo yoMthethosisekelo yahlaba yahlikiza umbiko kaMadonsela, yaphinde yathola ukuthi wayengenawo amagunya okuphenya ngalezi zimali.
URamaphosa usanda kuveza ukuthi imali eyanikelwa kulo mkhankaso ibalelwa kuR300 million.