Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema
IQEMBU eliphikisayo i-EFF selikhethe ukuzihlangula ekubekweni kukamengameli omusha wezwe njengoba liveze ukuthi lifuna lihlakazwe iPhalamende kusondezwe ukhetho lukahulumeni omusha. 

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uveze lokhu esithangamini nabezindaba ngoLwesine kulandela ukwesula kukaMnuz Jacob Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli wezwe ngoLwesithathu ebusuku.  

UMalema uthe uma kuzobe kubekwa uMnuz Cyril Ramaphosa njengomengameli ePhalamende namhlanje, ngeke babe yingxenye yalokho ngoba abasayifuni i-ANC.

"Uma uRamaphosa ezobekwa njengomengameli uzokhipha izichuse zikaZuma ebeziqhuba inkohlakalo, afake ezakhe nazo ezizoqhuba inkohlakalo.  Ngenxa yalokho, i-EFF ngeke ibe yingxenye yokubekwa kukamengameli omusha ePhalamende, kunalokho sifuna lihlakazwe, kusondezwe ukhetho ukuze abantu bezovotela umengameli omusha wezwe," usho kanje. 

I-EFF izojoyina isicelo esifakwe yi-DA ePhalamende ngesonto eledlule ukuthi lihlakazwe kusondezwe ukhetho. 

UMalema uqale inkulumo yakhe ngokubala izizathu ezeseka isicelo sokuthi umengameli Zuma esule esikhundleni. Lokhu kulandela umbuzo kaZuma izolo wokuthi uyalelwa ukuthi esule nje, wenzeni. 

Phakathi kwezizathu ezibekwe uMalema uthe: " Ukubulawa kwabavukuzi baseMarikana kwenzeka ngaphansi kobuholi bukamengameli Jacob Zuma, nePhini lakhe uMnuz Cyril Ramaphosa owayefaka ingcindezi."

Ebuzwa ukuthi uyoke abuyele yini kwi-ANC njengoba sekuhambe umengameli Zuma uthe akusoze kwenzeka lokho.

"UZuma usehambile, kumele bazi ukuthi sesizobhekana nabo ngqo manje abe-ANC. Abebezitshela ukuthi i-EFF inhlangano esungulelwe ukuzolwa noZuma kuphela abazilutho," kusho uMelama.