I-EFF ithi amaphaphu phansi kubalandeli bayo ngodaba oluthinta incwadi yenkantolo egunyaza ukuthi kuboshwe umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema.
Leli qembu esitatimendeni emuva kokukhishwa kwale ncwadi yiNkantolo yeMantshi yase-East London izolo, lithe akusho ukuthi amaphoyisa asephume inqina ehamba ethungatha lo mholi ukuze alale ebaliwe.
Le nkantolo ikhiphe le ncwadi emuva kokuba uMalema engafikanga enkantolo ngecala lokuqhumisa isibhamu okwenzeka eralini ye-EFF yango-2018 eMdantsane, e-Eastern Cape.
I-EFF yayigubha iminyaka emihlanu yasungulwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko eSisa Dukashe Stadium. Unogada wakhe uMnuz Adriaan Snyman naye ubekwe icala elifanayo.
Okhulumela leli qembu uMnuz Vuyani Pambo, uthe lolu daba lwenziwe ihaba njengoba bekuvele kunohlelo nenkantolo ukuthi uMalema ngeke alubhade enkantolo kuze kuba udaba lwakhe luyaqulwa.
Uveze nokuthi egcina ukuvela enkantolo uMalema kwahlelwa nemantshi nomshushisi ukuba aze abuye enkantolo seliqulwa icala.
Icala lizobuyela enkantolo ngoMeyi 8 nonyaka.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), uMnuz Luxolo Tyhali, ekhuluma neSABC uthe kube nohlelo phakathi kwabameli bakaMalema nabashushisi ukuthi uMalema angezi enkantolo.
Uthe wuhlelo nje lwenkantolo ukuba kukhishwe le ncwadi uma umuntu engekho enkantolo kodwa kulokhu kubekwe umbandela ukuba angaboshwa aze avele enkantolo.
Ummeli kaMalema, uMnuz Ian Levitt, ekhuluma kwi-eNCA, uthe bebebonisene nabezokushushisa ukuthi uMalema ngeke akwazi ukuya enkantolo ngenxa yodaba oluthinta ukuphepha kwakhe.
UMalema kwiTwitter yakhe uzibhalele ukuthi umatasa upheka inyama yembuzi.