INOMTHELELA omubi emnothweni weTheku imibhikisho enodlame, ngokusho kweDurban Chamber of Commerce and Industry.
NgoMsombuluko abantu basemijondolo ekuQuarry ngaseReservoir Hills, bavale umgwaqo uM19 bashisa imoto nebhasi bekhala ngokuthi kabanawo amathoyilethi nogesi.
Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber uNkk Palesa Phili, sicele abantu ukuthi uma kukhona abanganeme ngakho bahlale phansi nezinhlaka ezifanele babeke izikhalo zabo hhayi ukuthi bashise amathayi bavale nemigwaqo.
“Umbhikisho wangoMsombuluko obunodlame kuM19 uphazamise ukuhamba kwezimoto emgwaqweni, wabeka engcupheni ukuphepha kwabantu ngoba kugcine sekusha imoto nebhasi. Bekunesiminyaminya esiyisimanga. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi kuphazamisekile ukusebenza kwamabhizinisi ahlukene eThekwini. Asikwazi ukuba nesimo esifana nalesi edolobheni lethu,” kusho uNkk Phili.
Uthe iTheku lidinga imisebenzi, ukukhulisa umnotho nokuheha abatshali bemali nezivakashi.
“Uma kunemibhikisho enodlame, amabhizinisi awasebenzi, okusho ukungangeni kwemali emnothweni nakubantu. Siyacela abantu baxoxe nezinhlaka ezifanele uma benganeme hhayi ukuthi benze imibhikisho enodlame. Kubalulekile nokuthi amaphoyisa asheshe asukume uma kunemibhikisho ukuze kuphephe abantu, ingqalasizinda nempahla yomphakathi neyosomabhizinisi,” kusho uNkk Phili.
UMasipala weTheku ulugxekile udlame embhikishweni wemijondolo yakuQuarry.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe ukhishiwe ugesi wezinyokanyoka ngoba umasipala ulahlekelwa yizigidi ngenxa yalesi senzo.
Uthe umasipala uyabanika abantu izidingo kodwa abantu bakha imijondolo ezindaweni okungelula ukuletha intuthuko kuzo.