INYUNYANA yabasebenzi bezempilo iDenosa KwaZulu-Natal isijabulele isinqumo sikamxazululi esibavunile mayelana nodaba lwabahlengikazi okuthiwa uMnyango wezeMpilo ubungabakhokheli imali yamakhono abo.
Unobhala weDenosa KwaZulu-Natal, uMnuz Mandla Shabangu, uthe phambilini umnyango ububakhokhela abahlengikazi imoholo yabo ngokwamakhono abanawo, abawafundele aseqophelweni eliphezulu kodwa izinto zijike ngo-2017.
“I-Denosa iphonsele inselelo isekhula ebivimbela abasebenzi bethu ukuthi bakhokhelwe amaholo ngokwekhono abanalo kusuka beqala ukwenza lowo msebenzi. Besilokhu sisho ukuthi isekhula yango-2017 iyabacindezela abahlengikazi njengoba umqashi ubehlukumeza abasebenzi ngokubenzisa umsebenzi wabantu abanamakhono kodwa ebaholela imali eholwa ngumuntu ongenakhono,” kusho uShabangu.
Ngokusho kukaShabangu, iningi labahlengikazi elinobuciko lisebenza emagunjini okuhlinzela kuwo iziguli, emagunjini abagula kakhulu nasemitholampilo.
I-Denosa yalufaka ezithebeni zikamxazululi udaba lwabahlengikazi abangu-38 abathinteka kulolu guquko lomnyango.
Ngesikhathi sekuqala ukulalelwa kwalolu daba, sase sikhuphuke safinyelela kwabangu-91 isibalo sabahlengikazi abathintekayo kule ndlela entsha yokusebenza.
“Ukhomishana uvune thina wabe eseyalela umnyango ukuthi ukhokhele abahlengikazi imali yabo kusukela beqala umsebenzi.
“Lokhu kusho ukuthi bazokhokhelwa imali kusukela beqala ukuthola isitifiketi sekhono abanalo.
Lokhu kusho ukunqoba kweDenosa nabahlengikazi abaphoqelelwa ukuthi basebenzise amakhono abo ngaphandle kwenkokhelo.
Ubulungiswa benziwe ekugcineni,” kusho uShabangu.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Noluthando Nkosi, uthe uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu neNhloko yomnyango, uDkt Sandile Tshabalala, basazosifunda isinqumo sikamxazululi ngaphambi kokuthi baphawule ngaso.