I-DA isivulele izingane zowayengumengameli wezwe uJacob Zuma, nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema, amacala okuphehla udweshu.
La macala avulwe esiteshini iCape Town Central, izolo. Abavulelwe amacala nguMnuz Edward Zuma namawele kaZuma, uMnuz Duduzane Zuma noNkk Duduzile Zuma-Sambudla. Amacala avulwe ngemva kwezitatimende ezenziwe ngabamangalelwa ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba, ngaphambi nangemuva kokuba kuboshwe uZuma.
Okhulumela iDA kwezobuLungiswa, u-Advocate Glynnis Breytenbach, usole uNkk Zuma-Sambudla ngokufaka imiyalezo ephehla udweshu ezinkundleni zokuxhumana ezinsukwini ezedlule.
“Lemiyalezo abeyifaka ezinkundleni zokuxhumana ibihambisana nezithombe ezikhombisa ukucekelwa nokushishwa kwempahla kanye nokuzitapela. Kule miyalezo uNkk Zuma-Sambudla ubekhombisa ukubeseka labo abacekela phansi impahla.”
U-Advocate Breytenbach uthe uDuduzane yena bamvulele icala emva kokusabalala kwevideo ezinkundleni zokuxhumana lapho ethi uzolwela ukuthi uZuma akhululwe ejele.
Wathi u-Edward bamvulele icala ngenxa yezinkulumo azenza ngaphambi kokuthi kuboshwe uZuma, lapho ayefunga egomela ukuthi uyoboshwa efile.
UMalema uvulelwe icala emva kokuthi ebhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngeke avume ukuba kutshalwe amasosha ukuthi azokulwa nalezi zibhelu.
“Thina njengeDA asiziboni njengezidala udweshu kuphela lezitatimende zezingane zikaZuma kanye noMalema, kepha sizibona ziwubudedengu. Ikakhulukazi njengoba uMalema noNkk Zuma-Sambudla belandelwa izigidi zabantu ezinkundleni zokuxhumana.
“Konke sekusezandleni zeNational Prosecuting Authority ukuba yenze isiqiniseko sokuthi uMalema nezingane zikaZuma bayashushiswa.”
I-ANC nayo isanda kumemezela ukuthi izomthathela izinyathelo uNkk Zuma-Sambudla.