USOTSWEBHU weDA kuMasipala waseTshwane, uNkk Mpho Mehlape-Zimu, izolo uvulele ubuholi be-ANC icala lokukhwabanisa esiteshini samaphoyisa saseBrooklyn.
Ubasola ngokuthi bakokotele ukusayina kwamakhansela ayisithupha ukuze kuzohlala umhlangano womkhandlu ngokungekho emthethweni ngeledlule.
UNkk Mehlape-Zimu kuleli tulo ubale usotswebhu we-ANC uMnuz Aaron Maluleka, wathi uyena okumele aphendule ngokusayinwa okungekho emthethweni.
Unqabile ukudalula amagama ayisithupha amakhansela , asolwa ngokusayina ngokukokotela.
Ebuzwa ukuthi iqembu lakhe seliyisile yini okusayiniwe kochwepheshe abahlola okubhalwe ngesandla, uthe: “Yingakho sivule icala ngoba thina asibona ochwepheshe,”
Kodwa ukugcizelele ukuthi uma ubuka nje lapho kusayinwe khona kukhona okusolisayo.
Uthe uma i-ANC ingenza into enjengalena ngoba ifuna ukuphatha, kwenza azibuze ukuthi uma sebephethe bazokwenzani.
I-ANC ibize isithangami sabezindaba lapho izichithile izinsolo zeDA yathi yimizamo yabo yokulokhu behlehlisa ukuhlala komkhandlu ukuze bengeke bakhishwe ebuholini kungene uKhongolose.