I-DA isola i-ANC ngokugovuza abantu ukuba babhikishe ezindaweni ezehlukene eGauteng.
Izolo umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe i-ANC izimisele ukugovuza imiphakathi ehlala komasipala abaphethwe yiDA ukuze kubonakale sengathi iqembu kalisebenzi.
Esithangamini nabezindaba ebesiseConstitutional Hill, eGoli, izolo uMaimane uthe i-ANC iyona eyenze abantu base-Alexandra nasePitoli babhikishe ngoba isaba ukuthi ingase inqundeke amandla emuva kokhetho lwangoMeyi 8.
“I-ANC ayikufuni ukuthula ibhikishisa ngisho abantu baseModimolle-Mookgophong eLimpopo. Siyazi ukuthi i-ANC ayinandaba nabantu kodwa igovuza umphakathi ukuthi ubhikishe ukuze kube sengathi awuzitholi izidingo. Ngizothinta uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, ngimcele ukuthi angenelele emibhikishweni enodlame engiyibona yenzeka komasipala abaphethwe yiDA,” kusho uMaimane.
Uthe uzocela umhlangano noSihlalo wekhomishini yokhetho, uMnuz Glen Mashinini, amcele ukuthi aphenye ngemibhikisho enodlame ezindaweni ezehlukene.
“Sifake isikhalo kwi-Independent Electoral Commission, sizoyocela ukuthi isheshise uphenyo lwayo kungakafiki uMeyi 8. Sifuna isiqiniseko sokuthi ukhetho luzohamba kahle njengoba i-ANC igovuza umphakathi,” kusho uMaimane.
Uthe nePhalamende kufanele lifune isisombululo ekuqedeni imibhikisho enodlame.
UMaimane ubenomholi weDA eGauteng, uMnuz John Moodey, uMnuz Solly Msimanga ogaqele isikhundla sokuba wuNdunankulu waseGauteng, iMeya yaseJohannesburg, uMnuz Herman Mashaba, eyaseTshwane, uMnuz Stevens Mokgalapa, eyaseCape Town, uMnuz Dan Plato, eyaseMidvaal, uMnuz Bongani Baloyi neyaseModimolle/Mookgopong, uNkk Marlene van Staden.
UMnuz Dakora Legoete, okhulumela i-ANC osabambile, uthe bayazichitha izinsolo zeDA ngoba esikhundleni sokulalela izikhalo zomphakathi imatasa isolana ne-ANC.
“I-DA ingamagwala yingakho isiqamba amanga ngoba ihlulekile wukuthumela izidingo kubantu, isihambe ifuna abantu abazoba wumphiphambi. Sishilo ukuthi ukukhombana ngeke kuxazulule izinkinga zemiphakathi yethu. Sizimisele ukuxoxa nomphakathi ukuze size nezixazululo ezinkingeni eziholela ukuthi kube nemibhikisho,” kusho uLegoete.
Uthe abangabazi ukuthi ukhetho luzohamba kahle.