IQEMBU eliphikisayo i-DA isiwafakile amaphepha enkantolo okuphikisa isinqumo sokudedelwa ngoshwele kukaMnuz Jacob Zuma owayengumengameli wezwe. Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen uthi amaphepha uwafake eNkantolo eNkulu eGauteng ngoLwesihlanu.
UZuma udedelwe ngoshwele wokugula edonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ejele eMtshezi. Okususe umsindo kakhulu wukuthi uKhomishini wamaJele uMnuz Arthur Fraser ucashunwe kwabezindaba ethi wuyena ogunyaze ukukhishwa kukaZuma nakuba ibhodi likashwele kade libeke umbono ohlukile. UZuma walahlwa yicala lokwedelela umyalelo wenkantolo wokuthi aye kukhomishini kaZondo.
USteenhuisen uthi babona kuphambene nomthetho ukudedelwa kukaZuma, ubeke amaphuzu amabili okweseka lokhu.
“Okokuqala isinqumo sithathwe saphikisana neziphakamiso zebhodi likashwele elithe akangadedewa uZuma. Okwesibili yisinqumo esithathwe ngezinye izizathu ezisolisayo zezepolitiki hhayi ngoba kukhona imininingwane enikwe umphathi womnyango, kusho uSteenhuisen.