I-DA KwaZulu-Natal imnqumele ugwayi katiki undunankulu ukuba aphendule ikhwelo elihlabayo lokuthi kumiswe emsebenzini oyiNhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni uDkt Enock Nzama, ngezinsolo zenkohlakalo yokuthengwa kwamaqakelo.
Okhulumela iDA kwezeMfundo uDkt Imran Keeka, uthe banika uMnuz Sihle Zikalala umnqamlajuqu kuze kube yikusasa, ukuthi aphendule isiphakamiso sabo sokuthi amkhombe indlela uNzama.
Uthe uNzama waba neqhaza ohlelweni lomnyango lokuhlinzeka ngamaqakelo ezikoleni olwagcina seluba nembibizane, lwadla ngaphezu kukaR100 million. Lokhu kwaphoqa uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga ngo-2018, ukuba ajube uphenyo.
Ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo esifundazweni uMnuz Kwazi Mshengu ethula umbiko wophenyo ngoJulayi nonyaka, waveza ukuthi amaqakelo angaphezu kuka- 2.7 million ayengenasidingo kanti angu-64 296 abiza imali engaphezu kukaR4 million agcina engahanjiswanga ezikoleni.
Kwezinye izikole ayegcwele kakhulu, abafundi sebedlala ngawo ibhola bewenza izinto zokuzivikela ukuthi bangalimali.
“Kunencwadi yango-2017 eyayivela kuNzama ibhekiswe kwinhloko yomnyango kaMgcinimafa uMnuz Simiso Magagula, lapho ayecela imali elinganiselwa ku-R110 million yalolu hlelo. I-DA inamanye amadokodo ombiko wocwaningo asayinwe yinhloko yomnyango (uNzama) nesitembu esigunyazayo,” kusho uKeeka.
Uthe umbiko ogcwele bawuthola ngomthombo wabo ngemva kokuthi uMshengu enqabile ukuwethulela ikomiti lezemfundo esifundazweni.
Uveze ukuthi uNzama wayazi ngokwenzekayo ngohlelo nakuba ezenza msulwa nongahlangene nokukhishwa kwethenda nokwenyuka kwemali yokuwathenga ngoba ayabelwe uR20 million kodwa imali yanyuka yaya ngaphezu kukaR100 million.
Ethintwa yiSolezwe ngalolu daba uNzama, uthe akukho lapho umbiko wophenyo ufaka khona igama lakhe.
“Akusiwo umsebenzi wenhloko yomnyango ukwazi ukuhanjiswa nokunikezwa kwamathenda. Mina ngangiyingxenye yokugunyazwa kohlelo, yingakho ngingaveli nasembikweni wophenyo,” kusho uNzama.
Okhulumela ihhovisi likaZikalala uMnuz Lennox Mabaso, uphikile ukuthi kukhona okuthunyelelwe ihhovisi likandunankulu ngabe-DA mayelana naleli khwelo.
“Kungaba ukugagamela ukuphawula ngento esingakabi nayo imininingwane yayo. Kodwa sineqiniso lokuthi undunankulu uyazihlonipha zonke izakhamuzi zakulesi sifundazwe kubalwa nayo i-DA. Uma kumele acacise ngokuthile noma aphendule uyokwenza ngokukhulu ukuzinikela,” kusho uMabaso
I-DA ithe uZikalala sewawubona umbiko ophelele waba nethuba lokuchazelwa kabanzi ngawo uMshengu nezinye izikhulu zomnyango.
Uthe luncane ungabazane lokuthi uNzama wayexhumana nowaqala uhlelo owayenguNgqongqoshe woMnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane.
“Ukumiswa kukaNzama akulula kodwa siyakholwa ukuthi ngaphansi kwalesi simo, kuyinto elungile ukuthi yenzeke. Sifuna uZikalala aphendula ngaphambi kukaLwesihlanu,” kusho uKeeka.
Uthe bafuna amiswe uNzama ngoba izinhloko zeminyango ziqokwa wundunankulu.