UMHOLI weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, usenxuse abantu bakulesi sifundazwe ukuthi bavote ukuze bakhiphe i-ANC emandleni.
UMncwango uthe uzoletha izinguquko kulesi sifundazwe uma esengene ekuholeni isifundazwe njengoba iDA ifolosa ngalo mholi okhethweni lwangonyaka ozayo.
Uthe uNdunankulu uMnuz Willies Mchunu nesigungu sakhe soNgqongqoshe bahlulekile ukushintsha impilo yabantu.
“Sifuna kube nezinguquko kulesi sifundazwe. Sifuna wonke umuntu abe yingxenye yalesi sifundazwe. Nginqume ukwamukela ukuthunywa yiDA ukuthi ngiyimele kwesikaNdunankulu,” kusho uMncwango.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma esikoleni esinomlando Ohlange High, eNanda, lapho kuneliba likaDkt John Langalibalele Dube.
Lesi sikole sinomlando onzulu njengoba nowayengumengameli wokuqala wentando yeningi uMnuz Nelson Mandela avotela khona okhethweni lokuqala lwentando yabantu ngo-1994.
UMncwango uthulwe ngumholi waleli qembu uMnuz Mmusi Maimane.
Ukhale kakhulu ngenkohlakalo edla lubi kulesi sifundazwe wathi nokukhulisa umnotho ngezinye zezinto azogxila kuzona uma ethatha izintambo.
“Cishe * -40% wabantu abasha abasebenzi kulesi sifundazwe. Sifuna ukukushintsha lokhu ngoba lokhu kusho ukuthi abantu babulawa yindlala uma bebaningi kanje abangasebenzi.”
Uthe ufuna wonke umuntu azizwe eyingxenye yesifundazwe noma kuthiwa umuntu uhlala kuyiphi indawo.
Ukhale ngobugebengu wathi uNgqongqoshe uMnuz Mxolisi Kaunda uhlulekile ukulwa nobugebengu.
Uphinde wakhala ngezemfundo kanjalo nezempilo wathi oNgqongqoshe bale minyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane noDkt Sibongiseni Dhlomo bahlulekile.
Uthe uzomemezela ithimba azosebenza nalo kanjalo nomqulu abazokhankasa ngawo bekhankasela ukhetho.
UMaimane uthe uyajabula ukuthi uthula uMncwango esikoleni esasungulwa nguDube owayengumengaeli wokuqala we-ANC.
Uthe unethemba lokuthi uMncwango uzoshintsha izinto njengoba lesi sifundazwe singakwazi ukwakha imisebenzi.
“UMncwango unombono wokwakha imisebenzi, owokuqeda indlala nokungalingani. Ungumuntu ozalelwe KwaNongoma ngakho uqhamuka kulesi sifundazwe,” kusho uMaimane.
Laba baholi baqale ngokuvakashela iliba likaDube badlulela emzini ayehlala kuwona kulesi sikole.
UMncwango uzalelwe KwaMandlakazi, uyise wayengunogada unina edayisa emarenki.
Ukhule elusa izinkomo. Uneziqu ezehlukene okubalwa iNational Diploma in Electrical Engineering, iBachelor of Technology in Engineering Management neMaster’s in Business Administration.