I-DA eMkhandlwini weTheku ifunga iyagomela ukuthi izolwa kuze kufike ekugcineni ukuvimba umasipala ukuthi uqophe iCD yomculo yobengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
UZuma ucelwe umkhandlu ukuba aqophe izingoma zakhe zomzabalazo kubalwa nedumile ethi Umshini Wami ngo-Ephreli kulo nyaka.
Umasipala uthembise ukuthi uzomxhasa ngemali uZuma ukuze kuqoshwe lomculo.
Umholi wekhokhasi yeDA eMkhandlwini weTheku, uNksz Nicole Graham usigxekile isenzo somkhandlu sokufuna ukuqopha umculo kaZuma ngemali yabakhokhibentela.
UNksz Graham uthe bazobhalela imenenja yomkhandlu, uMnuz Sipho Nzuza ngenhloso yokuvimba lesi sinyathelo.
Uthe uZuma udume njengomuntu okhohlakale wathi akaboni ukuqopha izingoma zakhe kungasiza.
Ukuqoshwa komculo kaZuma ngumbono oqhamuke noPhiko lwamaPaki nokuNgcebelaka eMkhandlwini weTheku oluholwa nguMnuz Thembinkosi Ngcobo.
UNgcobo uthe ukuqoshwa komculo kaZuma kuzothuthukisa umnotho kuphinde kugqugquzele nokugcinwa kwamagugu.
“Ukuqoshwa kwalo mculo futhi kuyingxenye yomsebenzi omkhulu womkhandlu.
“Ngesikhathi sobandlululo, umkhandlu wawushaya imithetho eyayicindezela abantu ibavimbela ukuthi bangayi emabhishi, abamnyama abakaze babe yingxenye yesizwe ngesikhathi sobandlululo, umyalelo osezingomeni ezizoqoshwa uzogqugquzela umoya wobumbano,” kusho uNgcobo.
Uthe umkhandlu unaso isabelomali esilekelela izinhlelo zamaciko.
“Lo msebenzi othinta uZuma uyingxenye yomsebenzi womnyango wami ogqugquzela ubumbano ezinhlakeni ezahlukene,” kuphetha uNgcobo.