SEZIYISIKHOMBISA izifundazwe zakuleli esezihlaselwe yigciwane iCorona kanti sebebalelwa ku-240 abathelelekile
Lokhu kuqinisekiswe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Zweli Mkhize ngoMgqibelo.
Isifundazwe esisanda kutheleleka ngegciwane, yi-Eastern Cape. Othelelekile ngowesifazane oneminyaka ewu-28 obevakashele eGermany, e-Europe. Ngaphandle kwayo ezinye ezithintekayo yiGauteng, Western Cape, KwaZulu-Natal, Mpumalanga, Free State neLimpopo. Ngesikhathi sokuloba izibalo zabantu asebetheleleke ngegciwane bezimi kanje:
Gauteng - 125
Western Cape - 74
KZN - 27
Mpumalanga - 5
Limpopo - 1
Free State- 7
Eastern Cape - 1
Lesi sibalo sikhupha kanje namhlanje nje, izolo isifundazwe saseFree State sithole owokuqala othelelekile. Lesi sibalo sesikhuphukele kwabayisikhombisa namhlanje. Kwabathelelekile, abawu-92 ngabesifazane, abesilisa bawu-148.
Lishone elayizolo uMkhize ehlela ukuhlangana nabasebenza ezikhungweni ezicubungula ngezifo kuleli. Uthe uyajabula ngoba kuneziguli zakuleli ezikhombisa ukwelulama kuleli gciwane.
UMkhize ufisele uNgqongqoshe wezeMpilo eWestern Cape, uDkt Nomafrench Mbombo ukwelulama emva kokuthi etheleleke ngaleli gciwane emuva kokuhlangana kwakhe nenxusa laseFrance.