UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala uthe iCorona isiphazamisile isabelo-mali seminyango kahulumeni esifundazweni njengoba bephoqeleka ukuthi bahambe benconzula inkece ukuze balwe naleli gciwane.
Ethula isabelo-mali sikaR800,198 million, sehhovisi lakhe esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo, uZikalala uthe baphoqelekile ukuthi benze izinto abebengazihlelile ukuze bazame ukunqanda ukubhebhetheka kweCorona.
“Ubhubhane lweCorona luphazamise izinto eziningi, lokhu kuzoba nomthelela omubi ezinhlelweni esinazo nasekwenzeni umsebenzi wethu, izinto eziningi kumele sizibuyekeze,” kusho uZikalala.
Uthe manje imali efakwa yiKwaZulu-Natal kwiGross Domestic Product (GDP) isiwu-R26 billion ngenxa yomthelela weCorona.
“Uhulumeni kazwelonke wamemezela ukuthi uzokhipha uR500 billion ukuze kuzanywe ukulwa negciwane, u-R130 billion, wale mali uzothathwa kwisabelo-mali esahlukene ebesibekelwe izinhlelo zikahulumeni. Uhulumeni kazwelonke uzokhipha u-R100 billion, kuthi isifundazwe ngasinye sikhiphe u-R30 billion, okusho ukuthi kumele siqale phansi sihlele kabusha zonke izinhlelo zethu,” kusho uZikalala.
Uthe lokhu kusho ukuthi isabelo-mali sesifundazwe esathulwa nguNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Ravi Pillay ngoMashi nonyaka naso kumele sibuyekezwe.
Uthe ngesikhathi benconzula imali, abazange bathathe kuMnyango wezeMpilo nowezeMfundo kodwa bathe ukuthatha kancane kowezokuThuthukiswa koMphakathi.
UZikalala uthe le minyango emithathu isekhaleni ekulweni neCovid 19.
Uthe benza konke okusemandleni ukuthi njengoba belwa neCorona akubikhona ukumoshwa kwemali.
“Kukhona lapho sesingenelele khona, saqala nophenyo sizokhipha imininingwane egcwele uma sekuqedwe uphenyo,” kusho uZikalala.
Uthe bazoqhubeka nokusiza abantu baKwaZulu-Natal ukuze bazimele.
“Lolu bhubhane lusifundise ukuthi kumele sibeke eceleni ipolitiki kodwa sibumbane ukuze sihlenge abantu,” kusho uZikalala.
Kuhlukene imibono kumaqembu ezepolitiki ngesabelo-mali sehhovisi likaZikalala.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe bayasamukela isabelo-mali sikaZikalala kodwa wathi asizange sifinyelele lapho bebelindele khona.
“Njengoba izwe ligubuzelwe iCovid 19, besilindele ukuthi uNdunankulu abuyise ithemba kubantu ngokuthi amemezele izinhlelo ezizobasiza kodwa lokho wangakwenza,” kusho uHlabisa.
Uthe bebelindele futhi ukuthi uZikalala akhiphe isexwayiso sokuthi kuzokwenzekani ngamanqe ahlale elindele ukudla imali yabakhokhi bentela.
“Ngesikhathi kungcwatshwa umengameli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela kwabakhona abantu abazicebisayo ngomngcwabo wakhe, namanje amanqe akhona abhekile ukuthi azoyintshontsha kanjani imali ekhishiwe,” kusho uHlabisa. Uthe kumele ngabe kukhona isivumelwano sokusebenza esizosayinwa ngongqongqoshe ukuze bathathelwe izinyathelo abangeke bayisebenzise ngendlela imali.
Umholi we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Vusi Khoza uthe bakhathazekile ngokungabikhona komnyakazo ekulweni nenkohlakalo esifundazweni.
“Ihhovisi likaNdunankulu linikwe umsebenzi wokuhlanganisa ukusebenza kukahulumeni wesifundazwe kodwa kuyacaca ukuthi liyahluleka ukulwa nokusetshenziswa budlabha kwemali nokulwa nenkohlakalo,” kusho uKhoza.
Uthe bakholwa ukuthi iRoyal Household iyahluleka ukwakha imali engasetshenziswa yiSilo samabandla uGoodwill Zwelithini ukuze siziphilise.
Umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe banxusa ukuba uNdunankulu enze isiqiniseko sokuthi imali ethuliwe isebenza ngendlela.
“I-DA yazi ngezinhlelo eziningi ezabelwa imali enkulu kodwa ezingekho,” kusho uMncwango.