I-AFRICAN People’s Movement (Apemo) ithembisa ukukhipha onogada eGibhithe, uma idla umhlanganiso okhethweni lohulumeni basekhaya.
Leli qembu elingenele okokuqala ukhetho lohulumeni basekhaya, lithi kuzophela ukuxhashazwa konogada uma seliphethe komasipala. Lokhu kushiwo ngumengameli weqembu uMnuz Vikizitha Mlotshwa, osanda kushiya kwiNFP.
Ethula umqulu wezethembiso zokhetho izolo eThekwini, uMlotshwa uthe bazwile ngosizi lonogada, wathembisa ukuluqeda uma sebenqobe ukhetho lwangenyanga ezayo. Uphakamise ukuthi onogada baqashwe ngokugcwele ngomasipala esikhundleni sokuthi baqashwe yizinkampani ezizimele, ezinikezwa amathenda omasipala.
UMlotshwa ubeke kanje ngosizi lonogada: “Onogada abaholi lutho. Uma siya komasipala akufanele sifike sibe yingxenye yokubacindezeli kodwa kufanele sibe yisisombululo kubona. Akufanele sinikeze izinkampani ezizodlala ngabo amathenda. Lezi zinkampani zithola uR11 000 kumasipala ngonogada oyedwa kodwa unogada uhola uR2 000. Onogada kufanele baqashwe ngokugcwele ukuze bakwazi ukuthola izimpesheni, bondle izingane zabo.”
I-Apemo iphakamise ukuba kubuyiswe isigwebo sentambo, ikholwa ukuthi isigwebo sentambo singaba yisisombululo ekulweni nezinga eliphezulu lobugebengu, ikakhulu amacala okudlwengula.
UMlotshwa uthe emva kokunqoba ukhetho bafuna kube nenhlolovo ngesiphakamiso sabo.
“Umuntu udlwengula ingane eneminyaka emithathu, aboshwe, aphume ngakusasa. Yingakho sifuna inhlolovo ukuze sizwe kubantu ukuthi singanjani isigwebo sentambo, ikakhulu kulabo abadlwengulwa.
“Kukhona abantu abadlwengula ogogo abano-93, baqede bababulale. Ungaze ugcine usuphahluka uthi umuntu odlwengulayo akanqunywe itotolozi ngoba uma ingasekho ngeke esadlwengula,” kubeka uMlotshwa.
I-Apemo ingenele ukhetho kubo bonke omasipala abaKwaZulu-Natal. Leli qembu liphinde langenela ukhetho komasipala abathize kwezinye izifundazwe njengaseGauteng, Eastern Cape, Free State, Limpopo naseNorth West.
UMlotshwa uthe bayazethemba ukuthi bazokwenza kahle okhethweni Uthe bakwazile ukuzwa amanzi ngobhoko ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela. Iqembu langenela ukhetho lokuchibiyela esifundazweni iMpumalanga, kepha alangaphumelela.
UMlotshwa uthe le miphumela yabanikeza ithemba.
“Sakwazi ukwehlula i-IFP ne-EFF ekubeni kwakungokokuqala singenele ukhetho. Umehluko phakathi kwethu ne-ANC (eyawina ukhetho) waba mncane kakhulu.”
I-Apemo isungulwe ekuqaleni kwalo nyaka. Yaphenjwa yilabo abebeseka uMlotshwa ngesikhathi ebhekene namacala kwiNFP. UMlotshwa usanda kwesula kwiNFP nasekubeni yilungu elimele iNFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ukuze ajoyine i-Apemo.
Izolo iNFP ivale isikhala esivuleke ngokwesula kukaMlotshwa, ngokuqoka nokufungisa uNkk Mbali Shinga.