I-ANCYL eThekwini ithi ayisule esikhundleni sayo iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ukuze ibe nesikhathi sokubhekana namacala ayo enkantolo.
UMnuz Thulisa Ndlela, okhulumela i-ANCYL eThekwini, uthe kuyafana nokuthi uNkk Gumede akaseyona iMeya ngoba akavumelekile ukuphatha imininingwane ethile kaMasipala weTheku nokukhuluma nabasebenzi.
“Amacala abhekene nawo abucayi kufanele ehle esikhundleni sakhe. Kufanele sicabangele isithunzi se-ANC njengoba kuzoyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya.
UMnuz Mdu Nkosi we-IFP eThekwini, uthe bakhathazekile ngesithunzi seTheku njengoba iMeya ibhekene namacala.
UNksz Nicole Graham weDA eThekwini uthe uNkk Gumede kufanele adonse iminyaka ewu-15 ejele uma elahlwa yicala.
Umkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bazodedela umthetho ukuthi udlale indawo yawo emuva kokuthi iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede idedelwe ngebheyili kaR50 000 enkantolo.
UNkk Gumede ubhekene necala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali.
UNkk Simelane-Zulu utshele Isolezwe ukuthi i-ANC yinhlangano ewuhloniphayo umthetho futhi ezowudedela ukuthi uthathe indawo yawo nakuleli cala leMeya yaseThekwini.
“Akukho esizokusho ngemibandela yebheyili okwamanje ngoba iphume namhlanje (izolo) ngakho ubuholi buzoyifunda ngaphambi kokuphawula okuthile. Esingakucela nje wukuthi izinhlaka zomthetho zisheshe uma zibheka amacala abaholi bethu,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Mayelana nokuthi iMeya yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, yayinikwe izinsuku eziwu-30 ukuthi ibheke ukuthi icala layo lizowuthikameza kanjani umsebenzi wayo, uNkk Simelane-Zulu, uthe zonke izimeya ezisuke zibhekene namacala zinikwa izinsuku eziwu-30 ukuthi zibheke umthelela wamacala kumsebenzi wazo.
“Izisuku eziwu-30 ezazinikwe uDkt Mahlaba ziphele ngezinsuku zokhetho kodwa namhlanje (izolo) ubuholi bunomhlangano namaqabane aseMalahleni ukudingida lolu daba. Sizonazisa ukuthi isinqumo sithini uma sesiphumile,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe amaqabane abatshelile ukuthi avelile enkantolo kodwa basazolithola ithuba lokuxoxa nawo. Uthe ukuvela enkantolo kweMeya akusho ukuthi inecala futhi iyaqhubeka nokuba yiMeya.
Umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe ukuboshwa kukaNkk Gumede kwenzeke ngesikhathi esinzima njengoba i-ANC eThekwini ilungiselela ukuya kwingqungquthela.
“Itshe limi ngothi kuNkk Gumede ngoba sengathi uhlamukwe nayi-ANCYL njengoba simbonile engafuni nokuxhawula uNobhala wayo uThanduxolo Sabela. Kunamahlebezi okuthi uNobhala we-ANC eThekwini (Bheki Ntuli) ufuna ukuba wuSihlalo okuyisikhundla esiphethwe wuNkk Gumede ngakho ukuboshwa kwakhe akumbeki endaweni enhle,” kusho uKhumalo.
Uthe isimo sishintshile kwi-ANC KwaZulu-Natal kuleso esasiyisona ngaphambi kokuthi kuyiwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eNasrec.
Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Xolani Dube, uthe akufanele ukuboshwa kukaNkk Gumede kuyamaniswe nengqungquthela ye-ANC eThekwini ngoba ukuphatha umasipala kuthinta impilo yabantu okufanele bavikelwe banikwe nezidingo.
“Lokhu kusho ukuthi ontshontshile kufanele ajeziswe ngokomthetho. Akufanele kusetshenziswe izinhlaka ze-ANC ukwenza sengathi abathile bangabagilwa ngoba ophambene nomthetho kufanele ajeze,” kusho uDube.
Uthe kulindelekile ukuthi abantu abaseka uNkk Gumede bathi amacala enzelwa ukumsusa kwisikhundla sakhe njengoba kuyiwa engqungqutheleni.