UPHIKO lweNtsha ye-ANC (ANCYL) KwaZulu-Natal luphakamise ukuthi kuxoshwe ezikhundleni abaholi ababoshelwe amacala okubulala ngoba bangcolisa igama lombutho. UNobhala walolu phiko uMnuz Thanduxolo Sabelo uthe:
"Siyakwemukela ukuboshwa kwabo, sicela oKlebe baqhubeke nomsebenzi omuhle babophe bangabheki ukuthi umuntu unasiphi isikhundla. Siyagcizelela ukuthi i-ANC ibadedele ababhekene namacala," kusho uSabelo.
USabelo usho lokhu nje akukakapholi maseko kuboshwe iMeya yaseHarry Gwala uMnuz Mluleki Ndobe, njengoba sekuphinde kwaboshwa enye imeya ye-ANC.
Ngokombiko wesiteshi sethelevishini i-eNCA, uDkt Ntuthuko Mahlaba uboshwe ngoLwesihlanu ngezinsolo zokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayengumholi we-ANCYL esifundeni saseMalahleni.
Okhulumela uNgqongqoshe uBheki Cele, uRenilwe Serero, uthe umsolwa angase avele enkantolo phakathi kwakusasa noma ngoLwesibili.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane -Zulu, uthe:
"Akufanele sikhohlwe
ukuthi umuntu uma
ephenywa akusho ukuthi unecala ngoba inkantolo isuke ingakanqumi. Sisayixoxa indaba yokuthi amalungu ethu asezikhundleni siwenzenjani uma eboshwa ngezinsolo ezibucayi kanje."
UBUYELA enkantolo kusasa uMnuz Mluleki Ndobe oyiMeya kaMasipala wesiFunda iHarry Gwala obhekene necala lokubulala nawokuzama ukubulala
Khonamanjalo iSouth African Local Government Association (SALGA) KwaZulu-Natal, ithi ilinde inkantolo maqondana nodaba lokuboshwa kukaNdobe onguSihlalo wayo.
UMnuz Sabelo Gwala oyikhulu seSALGA KwaZulu-Natal uthe okwamanje ngeke baphawule.
“Lolu daba luthinta yena siqu sakhe hhayi iSALGA. Siyophawula emuva kwesinqumo senkantolo," kusho uGwala.
Kulindeleke ukuthi uNdobe avele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu kusasa azofaka isicelo sebheyili. UNdobe ungummangalelwa wesine phakathi kwaboshwe nabo.
UMnuz Thabiso Zulu owaziwayo ngokuveza inkohlakalo, uthe amaphoyisa abambe ufishi omkhulu kuNdobe, wathi kodwa basebaningi abantu okufanele babanjwe.
“Usebenzile uNgqongqoshe uBheki Cele ngokuletha ithimba elibophayo kodwa abakaboshwa bonke," kusho uZulu.
Uthe ukuboshwa kukaNdobe akuchazi ukuthi kuphelile ukwesaba usaqhubeka nokulala obenyoni (uZulu) ngoba baningi abathintekayo abangakaboshwa.
UNdobe uboshwa nje ulele isithathu ohlwini lwe-ANC lwabazoya eSishayamthetho emuva kokhetho.
Umhlaziyi wezepolitiki KwaZulu-Natal uMnuz Thabani Khumalo uthe ikusasa likaNdobe lingase lifiphale ngoba icala lisazothatha isikhathi futhi lilingcolise igama lakhe.