Izindaba

I-ANC nethemba lokuthi ukuboza okhethweni ngeke kuxoshe abayixhasayo

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa udlale igalofu nosomabhizinisi, wabagqugquzela ukuthi baqhubeke nokuxhasa i-ANC Isithombe: Facebook/ANC

I-ANC inethemba lokuthi imbibizane eyithole okhethweni lwangonyaka owedlule angeke ixoshe osomabhizinisi abayixhasa ngemali.

Izolo, eKapa, uMengameli Cyril Ramaphosa udlale igalofu nosomabhizinisi, lapho ebagqugquzele khona ukuthi baqhubeke nokuxhasa i-ANC ngenkece

Kunokwesabela ukuthi ukwehluleka kwe-ANC ukunqoba ngamalengiso ukhetho olwedlule kuzoxosha osomabhizinisi abebefaka imali kule nhlangano ebisiphathe izwe ngokuzimela iminyaka engu-30.

Kepha uRamaphosa uthe osomabhizinisi bayaqhubeka nokuxhasa i-ANC.

“Nakuba kwehlile ukwesekwa kwe-ANC okhethweni olwedlule, into esiyiqaphelayo ukuthi luqala phansi uthando lwe-ANC ebantwini. Sibona sengathi abantu baqala phansi, beseka i-ANC.

“Kanjalo nosomabhizinisi nabo sibona sengathi bavuseleleke kabusha. Sibona osomabhizinisi abamnyama nabamhlophe beqhubeka nokweseka i-ANC. Lokhu kuyasijabulisa. Kunenqwaba yabantu abazimisele ukusixhasa ukuze sizokwazi ukuqhuba imisebenzi ye-ANC.”

AMALUNGU e-ANCWL abe nomthandazo lapho ebekhulekela khona ukuthi umcimbi wokujabulela usuku okwasungulwa ngalo i-ANC lube impumelelo Isithombe: Facebook/ANC

URamaphosa uthe unethemba lokuthi bazokwanda osomabhizinisi abaxhasa i-ANC.

“Inhloso enkulu yanamhlanje ukuba sigqugquzele osomabhizinisi ukuba baxhase i-ANC. Sinethemba lokuthi baningi osomabhizinisi abazosixhasa ukuze sizokwazi ukuqhubeka nemisebenzi ye-ANC. Asizogcina nje ngokucela ukuthi osomabhizinisi basixhase, kodwa sizophinde sibachazele ukuthi ikuphi esizimisele ukukwenza.”

I-ANC ike yabhekana nenkinga yezezimali eholele ekutheni ihluleke ngisho ukukhokhela ngesikhathi abasebenzi bayo kule minyaka eyedlule.

Nemicimbi ye-ANC ayisabi ubukhazikhazi njengoba bekwenzeka ngaphambilini.

UMgcinimafa we-ANC, uDkt Gwen Ramokgopa, uthe abakuqaphelayo ukuthi kukhona osomabhizinisi abamanqika ukunikela ngemali ngenxa yokushaywa komthetho othi amaqembu ezepolitiki kufanele agagule amagama alabo abanikele ngemali engaphezu kuka-R100 000.

“Osomabhizinisi abaningi bayakhala, bathi basaba ukuthi uma besixhasa ngemali amagama abo azogcwala emaphephandabeni. Indaba yokuvezwa kwamagama axhasa amaqembu ezepolitiki ngemali kufanele siyibheke ngenye indlela.”

UDkt Ramokgopa uthe bajabule ukuthi bekugcwele emdlalweni wegalofu wanonyaka.

“Osomabhizinisi abaningi bayakhala ngokuthi isimo somnotho asisihle. Sijabule ukuthi abantu abaningi bakwazile ukufika yize kunalezi zimo zomnotho.”

I-ANC izokuba nomcimbi wokubugubha usuku eyasungulwa ngalo.

Lo mcimbi owaziwa ngeJanuwari 8, uzokuba seWestern Cape, eKhayelitsha, ngoMgqibelo.

ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Bheki Cele nePhini likaNobhala Jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane, bebesaqhubeka nokugqugquzela abantu ukuthi beze emcimbini wokubungaza usuku okwasungulwa ngalo i-ANC Isithombe: Facebook/ ANC
AMALUNGU esigungu esiphezulu kwi-ANC abephume ngezinkani izolo, ehambe egqugquzela abantu ukuthi beze emcimbini wakusasa Isithombe: Facebook/ANC