KUZODINGEKA iziqu zemfundo ephakeme, ukuqonda kabanzi nge-ANC, uhulumeni nezomnotho ukuze uphakanyiselwe ukumela le nhlangano eziShayamthetho zezifundazwe, ePhalamende nasemikhandlwini yezifundazwe. Isithombe: Itumeleng English / African News Agency (ANA)
KUZODINGEKA iziqu zemfundo ephakeme, ukuqonda kabanzi nge-ANC, uhulumeni nezomnotho ukuze uphakanyiselwe ukumela le nhlangano eziShayamthetho zezifundazwe, ePhalamende nasemikhandlwini yezifundazwe.
Abesifazane kudingeka babe ngu-50%, abesifazane abazophakanyiselwa ukubs wondunankulu bezifundazwe kumele babe babili.
Lokhu kuvezwe ngunobhala wekomiti elibhekele ukhetho kwi-ANC, uMnuz Chief Matsila izolo esithangamini sabezindaba sale nhlangano emva komhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke.
Uthe abazojutshwa kumele basayine isibophezelo, bavume ukuthi bazoyilandela yonke imigomo yenhlangano okubalwa nendaba yokuthi bangasuswa noma yinini ezikhundleni abakuzona.
Uqhube wathi bazobheka ukuthi labo abaphakanyisiwe abakaze yini balahlwe ngamacala phambilini.
“Uhlelo lokuqeqesha onobhala bamagatsha seluqalile. Uhlelo seluvuliwe futhi siyajabula ukuthi le migomo igunyazwe yisigungu esiphezulu senhlangano.”
Uthe bafuna ukujuba abantu abanamava ngoba yibona abazobe bemele inhlangano.
“Sifuna kube ngabantu abazokwazi ukusebenza ngomthetho njengoba kusuke kubhekwe kakhulu ukwakhiwa kwemithetho. Odabeni londunankulu kudingeka kuphakanyiswe amagama abantu abathathu okuzokhethwa kubona, ababili kumele kube ngabesifazane,” kusho uMatsila.
Uthe namadlelandawonye e-ANC okuyiSACP, Cosatu neSanco azojuba abantu abazoba yingxenye yabazojutshwa.
“Njengoba sithi sifuna abantu abaneziqu ezingaphezu kuka-matric akusho ukuthi labo abanamava nabanesipiliyoni sizobashiya ngaphandle.
Wonke umuntu ozojutshwa kumele aphase ama-module esikhungweni i-OR Tambo Leadership, athinta umlando wenhlangano, aqonde ngezomnotho kanjalo nokusebenza kukahulumeni.”
Uthe labo abebengongqongqoshe kuzobhekwa indlela abasebenze ngayo ngaphambi kokujutshelwa ezishayamthetho nasePhalamende.
“Uhlelo luqala emagatsheni. Kumele kubizwe imihlangano yokuphakamisa amagama abazojutshwa. Kuvotwa ngokuphakamisa izandla emagatsheni.
Umuntu ozojutshwa kumele kube yilungu elingenagcobho lenhlangano. Bonke abazojutshwa bazobe sebehlonywa imibuzo, noma kuthiwa bebesePhalamende noma bebengekho kodwa bazodlula ohlelweni olufanele.”
Uthe bafuna kwande isibalo sondunankulu besifazane ezifundazweni.
“Abebengondunankulu besifazane kumele bafakwe ohlwini lwabantu abaphakanyiswe yizifundazwe. Kumele kwenziwe imizamo yokuthi ondunankulu besifazane baphatha amahlandla amabili, kuye ngokuthi basebenze kanjani,” kusho uMatsila.
Uthe ivaliwe eyokusetshenziswa kwemali uma kukhethwa abaholi.
“Akumele kube nohlu lwabantu oluzokwakhiwa ukuze lusatshalaliswe emagatsheni ukuze bavotelwe. Abazotholakala benza lokhu sizobhekana nabo.
Uma kungukuthi labo abenza lokhu ababheke ukuphakanyiswa bazobe bephula imigomo yenhlangano. Akumele kube nezikibha ezizoba nobuso balabo abazobe bekhankaselwa.”
Related Topics: