I-ANC KwaZulu-Natal ithi kayilindele muntu kwababhekene namacala ukuba agoloze ukushenxa esikhundleni ngoba labo bayobe bezibizela ukuqondiswa ubugwegwe.
Okhulumela uKhongolose esifundazweni, uMnuz Nhlakanipho Ntombela uthe akusekho ukwenza ngokunye njengoba isigungu esiphezulu sesikhulumile. Isigungu esiphezulu se-ANC sikhiphe umyalelo othi bonke abantu abahamba amacala bashenxe kancane, kuze kusombululwe izindaba zabo ezinkatolo.
Kube yindaba enkulu lena njengoba uNobhala-Jikelele uMnuz Ace Magashule ehamba icala lenkohlakalo, esukela ngesikhathi esewundunankulu waseFree State.
Bonke banikwe izinsuku ezingu-30 ukuthi bashenxe, uma kungenjalo bazoqondiswa ubugwegwe yinhlangano. Lesi sinqumo sathathwa engqungqutheleni ye-ANC eNasrec ngo-2017.
I-ANC ithi yenza lokhu njengemizamo yokugeza igama layo, ibuyise isithunzi sayo emphakathini. UNtombela uthe bazolandela umyalelo wesigungu esiphezulu, akukho okunye okuzolokhu kuxoxwa.
“Kunethimba lonobhala elizohlangana nobuholi kuzwelonke, kuqedelwe izinto ezimbalwa bese kuyaqhutshekwa. Uma kukhona okhombisa ukungahloniphi isinqumo, uyothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.
Ebuzwa ngezikhala ezizovuleka uma eshenxa, uNtombela uthe bazobe bengaxoshiwe kodwa bazobe bemisiwe kuze kusombululwe amacala abo ezinkantolo.
UNtombela ukhuluma kanjena nje kunamalungu enhlangano asezikhundleni eziqavile abhekene namacala njengePhini likaSihlalo uMnuz Mike Mabuyakhulu olindwe yicala elizoqulwa ngoSepthemba nonyaka.
UMabuyakhulu usolwa odabeni lwemali yomcimbi iNorth Sea Jazz Festival ngesikhathi esengqungqongqoshe.
Kukhona uNkk Zandile Gumede oyilungu lesiShayamthetho, olindwe yicala eNkantolo eNkulu eThekwini nalo elingase liqulwe kulo nyaka. Yena usolwa kwithenda kadoti eseyimeya yeTheku.
UNkk Gumede uphakanyiselwe kwesokuba wusihlalo we-ANC esiFundeni iTheku. Umkhankaso wakhe osuvele uqalile, ungase uphazamiseke. Isishoshovu somkhankaso kaNkk Gumede esithe siyasaba ukuveza igama laso ephepheni, sithe babona sengathi uNkk Gumede akabutholi ubulungiswa kulolu daba.
“Ikomiti lezobuqotho lalusebenza udaba lukamama uGumede, lathi akaqhubeke nomsebenzi. Manje asisalindele ukuthi aphinde aqale phansi amiswe. Okwesibili, uma umuntu engakalahwa yicala kawukwazi ukuthi umthathele izinyathelo ngoba kuphambene noMthethosisekelo wezwe esiwuhlonipha sonke,” kusho isishoshovu.